Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 9, 2014
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi BakaJehova Bathatha Izinyathelo Ngokuqubuka Kwe-Ebola

OFakazi BakaJehova Bathatha Izinyathelo Ngokuqubuka Kwe-Ebola

ENEW YORK—Njengoba isifo esibulalayo i-Ebola siqubuka futhi siqothula iNtshonalanga Afrika, oFakazi BakaJehova bayaqhubeka behlomisa amalungu abo ngolwazi mayelana nalesi sifo.

Lapho ethola ukuthi igciwane le-Ebola litholakele eGuinea futhi ngokushesha lasakazekela emazweni aseduze eLiberia naseSierra Leone, ngokushesha amahhovisi egatsha endawo oFakazi BakaJehova athumela izincwadi ukuze aqwashise wonke amabandla akula mazwe womathathu. Lezi zincwadi ezazineziqondiso namacebiso avela eminyangweni kahulumeni wendawo zachaza ngengozi yegciwane, indlela elitholakala ngayo nokuthi yiziphi izinyathelo zokuphepha okufanele zithathwe ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwalesi sifo. UCollin Attick, okhulumela oFakazi BakaJehova eSierra Leone uthi: “Ukuba sendaweni enabantu abangaziqondi kahle izifo ezelashwa ngemithi kadokotela nasendaweni egcwele izinkulumo ezingelona iqiniso ngomsuka we-Ebola, kwenza abantu abaningi ekuqaleni basala bedidekile bengazi ukuthi benzeni. Kodwa lapho amalungu ebandla lethu ezwa iziqondiso ezanikezwa emaHholo OMbuso athatha izinyathelo ngokushesha nangokuzimisela okukhulu.”

Ngo-July, abameleli abajikelezayo boFakazi BakaJehova baqala ukuhambela okukhethekile kwezinsuku ezimbili bevakashela ibandla ngalinye eSierra Leone naseGuinea. Kulokhu kuhambela kunikezwa nenkulumo enesihloko esithi “Ukulalela Kusindisa Ukuphila,” ehloselwe ukwenza abantu bazi ngezindlela ezisebenzisekayo zokuzivikela kulesi sifo, iphinde ikhuthaze ukuba kulandelwe iziqondiso ezintsha ezitholakalayo. Lokhu kuhambela kuzoqhubeka yonke inyanga ka-November 2014. Ngaphezu kwalokho, oFakazi balungiselela izindawo zokugeza izandla ezinamanzi afakwe isibulala-magciwane eminyango yezindawo abakhulekela kuzo (ezaziwa ngokuthi amaHholo OMbuso) eGuinea, eLiberia naseSierra Leone. Iningi loFakazi kula mazwe lilandela inqubo efanayo ngokulungiselela indawo yokugeza izandla emizini yabo.

Ukuze ugweme lesi sifo, umndeni woFakazi ubambisana nohlelo lwendawo lokuhlukanisa abantu abagulayo kwabanye eDolobheni LaseDolo, umphakathi osempumalanga yeMonrovia, eLiberia. Ukuhlukanisa abantu abagulayo kwabanye kuqedwe ngo-September 8, 2014.

Ngokombiko wenhlangano yezempilo ebizwa ngokuthi i-World Health Organization ka-October 1, 2014, bangu-7 178 abantu okubikwe ukuthi banalesi sifo kanti bangaphezu kuka-3 300 asebebulawe ukuqubuka kwamuva kwe-Ebola eNtshonalanga Afrika, nakuba izibalo kulindeleke ukuba zikhule. Ngo-October 2, owesifazane oyedwa koFakazi abangu-2 800 eGuinea naseSierra Leone, owayengumhlengikazi wathola igciwane le-Ebola futhi washona ngo-September 25, 2014. KoFakazi abangu-6 365 baseLiberia, abayishumi babulawe yilesi sifo; abayisithupha kubo babeyizisebenzi zezempilo. Nakuba muva nje igciwane selisakazekele naseNigeria, abekho oFakazi asebethole lesi sifo khona. Ngaphezu kwalokho, azikho izithunywa zevangeli ezingoFakazi kula mazwe okubikwe ukuthi sezinalesi sifo; ngoba ngesikhathi leli gciwane lisakazeka, iningi lezithunywa zevangeli lalingekho, ezinye zisemhlanganweni eYurophu nase-United States. Ezinye zisanda kubuyela emsebenzini wazo wezithunya zevangeli futhi zilandela zonke izindlela zokuzivikela neziqondiso ezivela ehhovisi legatsha lendawo. Ezinye izithunywa zevangeli azikakabuyi ngenxa yokuvinjelwa kwezindiza noma ngenxa yezinye izimo.

Indawo yokugeza izandla eHholo LoMbuso laseSierra Leone.

Izisebenzi zokuzithandela zamakomiti okusiza ngezikhathi zenhlekelele ezingoFakazi zisiza oFakazi bendawo ekunakekeleni izidingo zemikhaya yabo kanye nabakhulekeli abakanye nabo emazweni aseNtshonalanga Afrika ahlaselwe kakhulu yi-Ebola. UThomas Nyain, Sr, okhulumela oFakazi BakaJehova eLiberia, uthi: “Ukulandela izimiso zeBhayibheli zokuhlanzeka nokuhlukanisa abantu abagulayo kwabanye kuyasisiza ekubhekaneni nale nkinga. NjengoFakazi BakaJehova sigwema nemikhuba yokungcwaba engasekelwe eBhayibhelini. Lokhu kuyisivikelo kuwo wonke amalungu esikanye nawo, ikakhulu phakathi nalesi sikhathi esinzima.”

ESierra Leone kwakhishwa isaziso emsakazweni wendawo esasichaza indlela oFakazi BakaJehova abasize ngayo amalungu abo nabangebona oFakazi emphakathini ukuba bazivikele egciwaneni le-Ebola. Iziphathimandla zalapho zabuye zacela ikomiti yoFakazi esiza ngezikhathi zenhlekelele ukuba isize abeminyango kahulumeni baleliya zwe.

U-J. R. Brown, okhulumela indlunkulu yoFakazi yomhlaba wonke eNew York uthi: “Kuyasikhuthaza ukubona amakholwa esikanye nawo eNtshonalanga Afrika ebonisa ukuqapha njengoba eqhubeka nemisebenzi engokomoya kuhlanganise nomsebenzi wokufundisa ngeBhayibheli ngezinga angakwazi ukwenza ngalo. Sihlale sicabanga ngabafowethu nodadewethu abangokomoya kanye nabanye ababhekene nemiphumela yegciwane le-Ebola futhi siyabathandazela.”

Abameleli Bezindaba:

Emhlabeni Jikelele: uJ. R. Brown, Office of Public Information, ucingo: +1 718 560 5000

EGuinea: Thierry Pourthié, ucingo: +224 631 40 96 50

ELiberia: Thomas Nyain, Sr., ucingo: +231 886 513 414

ENigeria: Paul Andrew, ucingo: +234 7080 662 020

ESierra Leone: Collin Attick, ucingo: +232 77 850 790