Dlulela kokuphakathi

MARCH 20, 2014
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi BakaJehova Baqala Umkhankaso Womhlaba Wonke Wokuhambisa Izimemo ZeSikhumbuzo Sokufa KukaKristu

OFakazi BakaJehova Baqala Umkhankaso Womhlaba Wonke Wokuhambisa Izimemo ZeSikhumbuzo Sokufa KukaKristu

ENEW YORK—NgoMgqibelo, ngo-March 22, 2014, oFakazi BaJehova bazoqala umkhankaso womhlaba wonke wokumemela abantu esenzakalweni abasibheka njengesibaluleke kunazo zonke onyakeni: iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Ngonyaka odlule babengu-19 241 252 ababa khona kulesi senzakalo esikhethekile. OFakazi banethemba lokuthi kulo nyaka bazofinyelela inani elisha eliphakeme labazoba khona eSikhumbuzweni, esizoba ngoMsombuluko, ngo-April 14, ngemva kokushona kwelanga.

“Siyaqiniseka ukuthi bonke abazoba nathi eSikhumbuzweni bazosijabulela futhi bazozuza kuso,” kusho uJ. R. Brown, umkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yabo eNew York. “Lokhu kusishukumisela ukuba simeme abantu abaningi ngangokunokwenzeka kulesi senzakalo esingcwele.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000