MAY 4, 2016
IZINDABA ZOMHLABA WONKE
OFakazi Bagxile Ebuqothweni Ochungechungeni LoMhlangano Wesifunda Ka-2016
ENEW YORK—OFakazi BakaJehova bamema umphakathi ukuba ube khona eMhlanganweni Wesifunda Ka-2016, onesihloko esithi “Hlala Uqotho KuJehova!” Kusukela ngoLwesihlanu ngomhla ka-20 May, oFakazi bazobe beqhuba le mihlangano yamahhala e-United States nakwamanye amazwe.
Isimiso sezinsuku ezintathu sizobe sinezinkulumo ezingu-49, ngayinye ezobe idingida isihloko esikhuluma “ngobuqotho.” Ngaphezu kwalokho, oFakazi balungiselele ama-video amafushane angu-35 aqondene nalo mhlangano kuhlanganise namafilimu amabili azobukwa ngoMgqibelo nangeSonto. Usuku ngalunye, ingxenye ngayinye yasekuseni neyantambama izokwethulwa ngama-video omculo aqoshelwe umhlangano.
Njengoba bebelokhu benza eminyakeni eyedlule, oFakazi bazosakaza isimemo esikhethekile emphakathini esiwumemela kulo mhlangano. Izinsuku nezindawo ozobanjelwa kuzo lo mhlangano zitholakala engosini esemthethweni yoFakazi, i-jw.org/zu. Abezindaba nezintatheli ezifisa ukusakaza lo mhlangano bangaxhumana nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseduze ukuze bathole okwengeziwe, okuhlanganisa negama lomuntu onakekela abezindaba.
UDavid A. Semonian, umkhulumeli woFakazi BakaJehova endlukulu yabo yomhlaba wonke eseBrooklyn, eNew York, uthi: “Sikholelwa ngokuqinile ukuthi ubuqotho buyingxenye ebaluleke kakhulu kunoma yibuphi ubudlelwano obunempilo. UMhlangano wethu kulo nyaka unezinto eziningi ezizosiza abantu ukuba bakhe izibopho eziqine kakhudlwana nabangane, amalungu emndeni kodwa ngaphezu kwakho konke, noNkulunkulu. Asingabazi ukuthi bonke abazoba khona bazowujabulela kakhulu lo mhlangano.”
Abezindaba:
UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000