Dlulela kokuphakathi

MAY 15, 2014
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi BakaJehova Bamemezela Imihlangano Yezizwe Ezoba Khona

OFakazi BakaJehova Bamemezela Imihlangano Yezizwe Ezoba Khona

ENEW YORK—OFakazi BakaJehova bamemezele ukuthi bazoba nomhlangano wezizwe wezinsuku ezintathu emadolobheni asemazweni ahlukahlukene kusukela ngo-June 2014 kuze kube ngo-January 2015. Le mihlangano izoqala e-United States bese iqhutshwa nase-Australia, e-Ecuador, eGreece, eJalimane, eMexico, eNgilandi, eNingizimu Korea naseZimbabwe. Le mihlangano yezizwe izoqondana nemihlangano yesifunda ezoba sezindaweni ezithile ezihlelwa oFakazi unyaka ngamunye.

Imihlangano yezizwe izoqala ngo-June 6, 2014, eFord Field eDetroit, eMichigan, e-USA. Kulindeleke ukuba kube khona abantu abangu-45 500, kuhlanganise nezihambeli ezivela kwamanye amazwe ezingu-2 500.

Imihlangano yezizwe izoba nezihambeli zakwamanye amazwe futhi kweminye kuzoba nezithunywa zevangeli. UJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, uthi: “Imihlangano yethu yezizwe iyisikhathi esimnandi nesijabulisa kakhulu. Sicabanga ukuthi nabantu abamenyiwe bazokujabulela ukuba khona njengoba siyobe sihlangene njengemindeni nabangane ezindaweni ezihlukahlukene okuzoba nemihlangano kuzo.”

Isihloko somhlangano sithi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” UMnumzane Brown uthi “lo mhlangano uyoqokomisa isihloko seBhayibheli nezinkolelo ezimbili eziyinhloko zoFakazi BakaJehova: ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ngo-1914 nokuthi uJesu Kristu uyiNkosi yalowo Mbuso. Ngempela, lo mhlangano uyoba ukugujwa kweminyaka eyikhulu yokubusa koMbuso kaNkulunkulu.”

OFakazi balungiselela umkhankaso womhlaba wonke wokumemela omakhelwane babo emhlanganweni ozobe useduze nabo. Njengoba kunjalo ngayo yonke imihlangano yoFakazi, kuyobe kungenwa mahhala futhi ngeke kuthathwe nkongozelo.

Izinsuku nezindawo okuzoqhutshelwa kuzo iMihlangano Ka-2014 ethi “Qhubekani Nifuna Kuqala UMbuso KaNkulunkulu!” zitholakala engosini engokomthetho yoFakazi BakaJehova, ethi jw.org. Abezindaba bangathintana nehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ukuze libaxhumanise nomuntu abangakhuluma naye ngokuphathelene nomhlangano.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000