Dlulela kokuphakathi

MARCH 20, 2014
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

UGuy H. Pierce Oyilungu LeNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova Ushonile

UGuy H. Pierce Oyilungu LeNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova Ushonile

ENEW YORK—UGuy H. Pierce, oyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova endlunkulu yabo eBrooklyn, eNew York, ushone ngoLwesibili ngo-March 18. Ubeneminyaka engu-79.

UMnumzane Pierce uye wakhonza emakomitini ahlukahlukene aqondisa imisebenzi yoFakazi BakaJehova nomsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli owenziwa emhlabeni wonke. Imisebenzi abeyenza ibidinga ukuba ahlale ehamba, futhi ubesebenzisa la mathuba ukuze akhuthaze oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Naphezu komsebenzi wakhe onzima, wayaziwa njengomuntu ohlale enaso isikhathi sokulalela labo abadinga usizo noma iseluleko futhi abantu babekhululeka uma benaye ngenxa yokumomotheka kwakhe ngemfudumalo nangamahlaya akhe. Abantu abasondelene naye bathi abantu bezizinda namasiko ahlukahlukene bebemthanda. Enkulumweni ayibeka emhlanganweni wokuthweswa iziqu kwezikhonzi zesikhathi esigcwele, uMnumzane Pierce washo amazwi naye ngokwakhe ayewasebenzisa ekuphileni kwakhe: “Zisekele ngokuqinile izimiso zokulungile, kodwa uvumelane nezimo. Ungabeyi abantu basesabelweni sakho ngoba amasiko abo ehlukile.”

UGuy Hollis Pierce wazalelwa e-Auburn, eCalifornia, ngo-November 6, 1934. Wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova ngo-August 14, 1955, eneminyaka engu-20. Washada noPenelope (noma uPenny) Wong naye onguFakazi, ngo-May 30, 1977, futhi baba nezingane. UMnumzane noNkosikazi Pierce baba abafundisi beBhayibheli besikhathi esigcwele (oFakazi abababiza ngokuthi amaphayona avamile). Kamuva, waba isikhonzi esihambela amabandla oFakazi BakaJehova kulo lonke elase-United States ukuze akhuthaze abanye abafundisi beBhayibheli besikhathi esigcwele namalungu amabandla. Ngo-1997, abakwaPierce bamenywa ukuba babe izikhonzi zesikhathi esigcwele ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-United States. Ngo-October 2, 1999, kwenziwa isaziso sokuthi uMnumzane uPierce useyilungu elisha leNdikimba Ebusayo.

Ngempelasonto yango-October 5-6, 2013, uMnumzane uPierce wayengusihlalo womhlangano waminyaka yonke we-129 we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Abantu abangu-1 413 676 abavela emazweni angu-31 bathamela lo mhlangano besendaweni yomhlangano noma nge-Internet. Ngokwengosi engokomthetho yoFakazi, lona kwakuwumhlangano omkhulu kunayo yonke yoFakazi BakaJehova kweyake yaba khona.

Ngaphandle komkakhe, uMnumzane uPierce ushiye izingane zakhe eziyisithupha, abazukulu nezizukulwane eziningana. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, ayebabheka njengamalungu omndeni wakhe, nabo bazomkhumbula kakhulu.

Amalungu eNdikimba Ebusayo ayesebenza nawo akhuluma “ngokholo lwakhe oluqinile nokumelela kwakhe imithetho nezimiso zikaJehova ngokungantengi,” abe esenezela ngokuthi: “Izinkumbulo zesibindi nenkambo yakhe yasemhlabeni yokwethembeka kuyohlale kusiqinisa njalo ngisho naseminyakeni eminingi ezayo.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000