Dlulela kokuphakathi

MARCH 20, 2015
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Balinganiselwa Ezigidini Ezingu-20 Abazoba Khona Emkhosini WoFakazi Waminyaka Yonke

Balinganiselwa Ezigidini Ezingu-20 Abazoba Khona Emkhosini WoFakazi Waminyaka Yonke

ENEW YORK—Ngemva kokushona kwelanga, ngoLwesihlanu, ngo-April 3, 2015, oFakazi BakaJehova bazoba neSikhumbuzo sokufa kukaKristu, esiyisenzakalo abasibheka njengesibaluleke kunazo zonke onyakeni. Lo mkhosi uzoba nenkulumo kawonk’ uwonke yemizuzu engu-45 enesihloko esithi “Bonisa Ukuthi Uyakwazisa Lokho UKristu Akwenzele Kona!” Emasontweni ambalwa ngaphambi kwalesi senzakalo esikhethekile, oFakazi bazoba nomkhankaso womhlaba wonke wokumea omakhelwane, abangane namalungu emindeni ukuba babe khona.

UJ. R. Brown, okhulumela oFakazi BakaJehova osendlunkulu yabo yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, uthi: “Ngonyaka odlule, oFakazi BakaJehova abangaba izigidi ezingu-8 benza imizamo yokumemela umphakathi eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, kwaba khona abantu abacishe babe izigidi ezingu-20. Kulo nyaka, silindele ukudlula kulelo nani.”

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000