Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 29, 2018
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

Amaphoyisa AseRussia Ahlasela Imizi Engu-8 YoFakazi ECrimea

Amaphoyisa AseRussia Ahlasela Imizi Engu-8 YoFakazi ECrimea

KwakunguLwesihlanu ntambama ngoNovemba 16, 2018, lapho izisebenzi zeNhlangano Kahulumeni Yezokuphepha yaseRussia (i-FSB) zihlasela imizi engu-8 yoFakazi BakaJehova eCrimea.

Lapho izisebenzi ze-FSB zihlasela zihlomile futhi zizivale ubuso, oFakazi ababili bathuka kangangokuba umfutho wabo wegazi wanyuka kakhulu kwadingeka ukuba bayiswe esibhedlela. Okunye okubuhlungu ukuthi omunye udade owayekhulelwe, wachithekelwa isisu.

Phakathi nokuhlasela kwawo, amaphoyisa ahlukumeza u-Aleksandr Ursu oneminyaka engu-78. Amcindezela odongeni, amjikijela phansi amfaka ozankosi. Ngaphezu kwalokho, amaphoyisa aphenya abanye oFakazi ngemibuzo.

Njengamanje, umzalwane uSergey Filatov (ongakwesokudla esithombeni) uyena kuphela obekwe amacala. Ubekwe icala lokuphula umthetho ngaphansi kweSahluko-2  282.2, ingxenye 1, okungumthetho nezakhamuzi zaseCrimea eseziphoqolelwe ukuba ziwulalele. Lo mzalwane oneminyaka engu-47 futhi onezingane ezine, unguFakazi wokuqala eCrimea obekwe amacala ngaphansi komthetho waseRussia olwa namaqembu ayingozi emphakathini.

Nakuba imibiko yokuhlaselwa nokushushiswa kwabafowethi ikhathaza, siyaqhubeka sibheke kuJehova ngesibindi ukuba asinikeze amandla kulezi zinsuku zokugcina ezigcwele izinkinga.—Isaya 41:10.