Dlulela kokuphakathi

MASHI 28, 2018
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi BakaJehova Babonisa Ubunye Phakathi Nomkhankaso Wokubhalela Uhulumeni WaseRussia Izincwadi

OFakazi BakaJehova Babonisa Ubunye Phakathi Nomkhankaso Wokubhalela Uhulumeni WaseRussia Izincwadi

NgoLwesibili, ngoMashi 21, 2017, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yamema oFakazi emhlabeni wonke ukuba babhale izincwadi eziya ezikhulwini zikahulumeni ezazisongela ukuqeda umsebenzi woFakazi BakaJehova eRussia. Nakuba singazi ngokuthe ngqo ukuthi zingaki izincwadi ezafinyelela iziphathimandla zaseRussia, baningi ababezibhalile abathola ubufakazi bokuthi zifikile emahhovisi kahulumeni. Nakuba uhulumeni waseRussia wanquma ukungazinaki lezi zicelo futhi wavimbela abafowethu ukuba baqhubeke bekhonza uNkulunkulu ngokukhululekile, into eyajabulisa ngalo mkhankaso ukuthi wabonisa ubunye inhlangano yoFakazi BakaJehova enabo. Lo mkhankaso wenza abafowethu baseRussia babona ukuthi abafowethu emhlabeni wonke bazimisele ukubasiza.—1 Petru 2:17.

Intombazanyana yaseBolivia ihlanganyela kulo mkhankaso.

OFakazi abaningi bazikhandla kakhulu ekusekeleni lo mkhankaso. Kwamanye amazwe ukuthumela incwadi eRussia kubiza kakhulu, ngakho labo ababekwazi ukubhekana nezindleko zako basekela labo ababengenawo amandla. Abanye abamemezeli babecela abangane babo abahlala kwamanye amazwe angenazo izindleko zeposi eziphakeme ukuba babaposele. Abazalwane nodade abaningi bahlangana njengemindeni noma njengamabandla ukuze bakwazi ukuhambisa izincwadi zabo ngeposi elilodwa ukuze bonge. Lokhu akubasizanga bonga izindleko zeposi kuphela, kodwa kwenza abazalwane nodade basondelana, okwenza lo mkhankaso waba isenzakalo abangeke basikhohlwe.

Kwabikwa nokuthi ngisho nezisebenzi ezithile zaseposini zawusekela lo mkhankaso. Ngokwesibonelo, imenenja yenkampani ehambisa amaphasela yaseBarranquilla, eColombia, yathi: “Kwangimangaza ubunye eninabo, nokuthi lokhu nikwenze ngezizathu ezinhle zokusiza abafowenu baseRussia. Ngicabanga ukuthi lokhu okwenzeka la eBarranquilla kuyenzeka nakwamanye amadolobha akwamanye amazwe. Ngicabanga ukuthi nabanye bazobona ukuthi lo myalezo ubaluleke kangakanani.” E-Anseong, eSouth Korea, umphathi waseposini wenza indlela ekhethekile eyayizosiza abafowethu bazipose kalula izincwadi, waze wanikeza mahhala abafowethu imvilophu yokuposa izincwadi ezaziya kwamanye amazwe.

Amalungu ebandla laseGuinea ahlangene ukuze abhale izincwadi.

UYaroslav Sivulskiy, okhulumela oFakazi BakaJehova uyachaza: “Lapho abafowethu baseRussia bezwa ukuthi iNdikimba Ebusayo igunyaze umkhankaso wokubhalwa kwezincwadi ngenxa yabo, kwabaqinisekisa ukuthi noma ngabe sasiba yini isinqumo senkantolo, babengebodwa okholweni.”

UMark Sanderson weNdikimba Ebusayo uthi: “Lo mkhankaso wokubhalwa kwezincwadi wabonisa ukuthi abantu bakaJehova bamunye. Njengoba imbubhiso isondela, ubunye buzodingeka kakhulu ukuze sikwazi ukusinda. Njengoba sisalinde ukubona ukuthi uJehova ubasiza kanjani abafowethu baseRussia, sizoqhubeka senza konke okusemandleni ukuze sibazise. Sizoqhubeka sibacelela kuJehova, siqiniseka ukuthi uzobanakekela ngazo zonke izindlela.”—IHubo 65:2.

 

E-Austria

EBolivia

EBosnia and Herzegovina

EDenmark

E-Ecuador

EGermany

EGhana

EGuatemala

E-Indonesia

EJapan

ENepal

ERomania

ERwanda

ESlovakia

ESpain

ESri Lanka

ESwitzerland

ETanzania

EZambia