Dlulela kokuphakathi

AUGUST 1, 2014
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi Basemkhankasweni Wokukhangisa Ngengosi Ehunyushwa Ngezilimi Eziningi Kunazo Zonke, I-JW.ORG

OFakazi Basemkhankasweni Wokukhangisa Ngengosi Ehunyushwa Ngezilimi Eziningi Kunazo Zonke, I-JW.ORG

ENEW YORK—Ngo-August 1, 2014, oFakazi BakaJehova bazoqala umkhankaso ozothatha inyanga yonke wokusakaza ipheshana elisha elinesihloko esithi Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni? ukuze batshele abantu ngengosi yabo engokomthetho, i-jw.org. Le ngosi, ehunyushwa ngezilimi eziningi kunazo zonke emhlabeni, itholakala ngezilimi ezingaba ngu-500 futhi inezincwadi ezidawunilodiwa ngezilimi ezingaba ngu-700.

Kungena abantu abangaphezu kuka-1 million kule ngosi usuku nosuku. Inezihloko nama-video awusizo kubantu babo bonke ubudala, izizinda namasiko. Enye yala ma-video, enesihloko esithi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?, izoba ne-link ye-QR code ezotholakala kuleli pheshana elisha. Le video inezithombe zokuphila okungokoqobo kanye nemidwebo ebonisa izinzuzo zokutadisha iBhayibheli. Manje itholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-450 futhi isidawunilodiwe izikhathi ezingaba ngu-4 million kusukela yasungulwa ngo-November 18, 2013.

UJ. R. Brown, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova endlunkulu yabo eBrooklyn, eNew York, uyachaza: “Siyajabula ngalo mkhankaso. Emhlabeni wonke kunoFakazi BakaJehova abangaba ngu-8 million futhi sonke sizobe sixoxa nomakhelwane bethu ngale ngosi. Lona kungaba umkhankaso omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona.”

UGeoffrey Jackson, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, uthi: “Kusukela i-jw.org yasungulwa eminyakeni emibili edlule, abantu emhlabeni wonke bayithole iwumthombo wolwazi owusizo kakhulu. Kule ngosi, ungabukela ama-video angasiza izingane zakho, uthole izihloko ezingasiza umkhaya wakho futhi ufunde neBhayibheli. Sifuna kuzuze abantu abaningi ngangokunokwenzeka kuyi-jw.org futhi yingakho siqale lo mkhankaso okhethekile.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000