Dlulela kokuphakathi

IHholo LoMbuso eliseTortola ngaphambi nangemva kokulungiswa. Lingelinye lamaHholo amahlanu okuqala acekelwa phansi isiphepho uMaria ezindaweni zaseBritish Virgin Islands, nase-U.S. Virgin Islands, futhi lingelokuqala ukulungiswa.

JANUWARI 19, 2018
IZINDABA ZOMHLABA WONKE

OFakazi Baqinisa Imizamo Yokusiza Ngemva Kweziphepho

OFakazi Baqinisa Imizamo Yokusiza Ngemva Kweziphepho

ENEW YORK—Usuqalile umsebenzi wokusiza ngemva kokuba iziphepho u-Irma noMaria, zicekele phansi izindawo eziseCaribbean nezingomakhelwane ngoSepthemba 2017. Amahhovisi egatsha eBarbados, eCuba, eDominican Republic, eFrance, nase-United States akhiphe le mininingwane elandelayo ebonisa izindlela abafowethu abanikeza ngazo usizo kulezi zindawo.

Izindawo Ezingaphansi Kokuqondisa Kwegatsha LaseBarbados—I-Anguilla, i-Antigua and Barbuda, iDominica, neSt. Maarten (esohlangothini lwamaDashi)

Amakomiti okunikeza usizo amathathu, elinye lawo elibambisene negatsha laseFrance, asebenza ngokubambisana ukuze kuhlelwe amaqembu abazalwane nodade bendawo abazonakekela izidingo eziphuthumayo zabamemezeli abathintekile. Kulinganiselwa ukuthi izindleko zokwakha kabusha izindawo ezingaphansi kwegatsha laseBarbados, okuhlanganisa ukulungisa amaHholo OMbuso angu-8 kanye nemizi yabafowethu engu-122, zizobiza imali engaba ngu-R32 320 800. Kanti kunemizi engu-19 ezodinga ukwakhiwa kabusha.

IHholo LoMbuso eliseGrand Bay, eDominica, elalimala kakhulu ngenxa yesiphepho uMaria.

Izindawo Ezingaphansi Kokuqondisa Kwegatsha LaseCuba

Ihhovisi legatsha libike ukuthi abamemezeli abathintekile esiphephweni u-Irma bayaluthola usizo abaludingayo. Lolu sizo luhlanganisa nokuhanjelwa abameleli behhovisi legatsha ukuze babaduduze futhi babaqinise.

Izindawo Ezingaphansi Kokuqondisa Kwegatsha LaseDominican Republic

Amakomiti okunikeza usizo amathathu ahlela umsebenzi wokusiza abamemezeli abangu-57 ababethintekile. Abafowethu nodadewethu abahlala kule ndawo banikela ngokudla, amanzi, izingubo zokugqoka nezinye izinto eziyisidingo. Kwaphela inyanga ka-Okthoba sezilungisiwe zonke izindlu zabafowethu ezazilimalile lapho kugadla isiphepho, futhi ingxenye enkulu yalo msebenzi yenziwa abazalwane bendawo.

Izindawo Ezingaphansi Kokuqondisa Kwegatsha LaseFrance—IGuadeloupe neSt. Martin

Igatsha lamisa ikomiti lokunikeza usizo esiqhingini saseSt. Martin, lamisa nehhovisi elalizoqondisa umsebenzi wokusiza ekwakheni nasekulungiseni izindawo ezazicekelwe phansi isiphepho esiqhingini saseGuadeloupe. Konke lokhu kwakudinga imali elinganiselwa ku-R18 853 800. Lo msebenzi uhlanganisa ukulungiswa kwamaHholo OMbuso aseGuadeloupe angu-12, amaHholo OMbuso amabili eSt. Martin kanye nemizi yabafowethu engu-24. Kunamavolontiya angu-22 avela eFrance, eGuadeloupe, naseMartinique azosiza kulo msebenzi.

Umuzi wommemezeli eSt. Martin ngemva kwesiphepho uMaria.

Izindawo Ezingaphansi Kokuqondisa Kwegatsha Lase-United States—IBritish Virgin Islands, i-U.S. Virgin Islands, iFlorida, iGeorgia, iPuerto Rico, iTurks and Caicos Islands

Kunabamemezeli abangaphezu kuka-13 000 abahlala kulezi zindawo abathinteka ngenxa yesiphepho. Njengamanje kunamakomiti amane okunikeza usizo amatasa emsebenzini wokusiza abafowethu nodadewethu futhi isiqediwe ingxenye yokuqala yalo msebenzi, ohlanganisa ukulungisa izindawo zabazalwane nokuhambisa izinto eziyisidingo njengokudla namanzi. Kusenziwa ingxenye yokuqala yomsebenzi wokusiza ezindaweni zasePuerto Rico, eBritish Virgin Islands, nase-U.S. Virgin Islands.

Iqembu lihlanza omunye wemizi yabamemezeli abangaphezu kuka-3 200 ePuerto Rico, eyacekelwa phansi iziphepho.

Angu-690 amavolontiya azosiza emsebenzini wokuvuselela amaHholo OMbuso nemizi yabafowethu ecekelwe phansi isiphepho. Angu-450 azosiza eziqhingini ezithintekile kanti angu-240 azosiza eFlorida naseGeorgia. Imali ezosetshenziswa kulo msebenzi ilinganiselwa ku-R404 010 000 futhi nazi izinto ezidinga ukulungiswa:

  • EBritish Virgin Islands, nase-U.S. Virgin Islands – AmaHholo OMbuso amahlanu nemizi engu-190

  • EFlorida – AmaHholo OMbuso angu-40, nemizi engu-1 174

  • EPuerto Rico – AmaHholo OMbuso angu-106, amaHholo OMhlangano amabili, imizi engu-1 216

  • ETurks and Caicos – AmaHholo OMbuso amabili, imizi engu-56

Sithandazela ukuba uJehova aqinise izandla zabafowethu abasiza kulo msebenzi. Siyaqiniseka ukuthi lolu sizo kanye nenduduzo eseBhayibhelini kuzobasiza abafowethu ukuba bakwazi ukululama nokuqhubeka bekhonza uNkulunkulu wethu uJehova ngobunye.—Nehemiya 2:18.

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwasizwa, +1-845-524-3000

EBarbados: UJohn Medford, +1-246-438-0655

EDominican Republic: UJosué Féliz, +1-809-595-4007

EFrance: UGuy Canonici, +33-2-32-25-55-55