Dlulela kokuphakathi

Ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla: Izelamani, uMfoweth’ u-Eldor noSanjarbek Saburov

AGASTI 7, 2020
ITURKMENISTAN

INkantolo YaseTurkmen Igwebe Abafowethu u-Eldor noSanjarbek Saburov Iminyaka Emibili Ejele

INkantolo YaseTurkmen Igwebe Abafowethu u-Eldor noSanjarbek Saburov Iminyaka Emibili Ejele

Ngo-Agasti 6, 2020, inkantolo yaseTurkmenistan igwebe abafowethu ababili u-Eldor noSanjarbek Saburov iminyaka emibili ejele ngokwenqaba kwabo ngenxa kanembeza ukufakwa emasosheni. Kulezi zelamani, omunye uneminyaka engu-21 omunye abe nengu-25 ubudala. Inkantolo isenqabile isicelo sokuqulwa kabusha kwecala esifakwe yilaba bofowethu. Sekungokwesibili manje begwetshwa ngenxa yokungathathi kwabo hlangothi.

Ngo-2016, uMfoweth’ uSanjarbek Saburov wenqaba ngenhlonipho ukufakwa ebuthweni lamasosha. Ngenxa yalokho, wagwetshwa iminyaka emibili eyalengiswa.

Ngonyaka olandelayo, umfowabo kaSanjarbek omncane u-Eldor, naye wenqaba ukufakwa emasosheni. Wagwetshwa iminyaka emibili enza umsebenzi ohloselwe ukumqondisa izigwegwe kuyilapho amaphesenti angu-20 omholo wakhe ayethathwa uhulumeni.

Ngokomthetho waseTurkmenistan, abantu abenqaba ukuba amasosha ngenxa kanembeza bangaphinde bagwetshwe okwesibili uma belokhu benqaba ukusebenza emasosheni. Ngo-Ephreli 2020, ihhovisi elibuthela izinsizwa ebusosheni laphinde labiza lezi zelamani ukuba zizongena ebuthweni lamasosha. Bobabili abafowethu benqaba. Babe sebequliswa icala, okwaholela okutholeni isigwebo sasejele.

Ngaphandle kokucindezeleka ngokomzwelo, ukuvalelwa ejele kuzobalethela ubunzima obukhulu abazali balaba bafowethu. Uyise unenkinga yeqolo engamahlalakhona, eyenza kube nzima kakhulu ukusebenza. Amadodana akhe ondla umndeni ngokulima ukotini. Njengoba manje eseboshiwe, abazali bawo ngeke besakuthola ukusekelwa ngokwezimali abakudingayo. Kunalokho, abazali sekuyibo okuzodingeka banakekele izidingo zamadodana abo asejele.

ITurkmenistan ayinayo imisebenzi yomphakathi ehlukile enganikezwa abantu abenqaba ukuba amasosha. Ngenxa yalokho, abafowethu abasebasha abenqaba ukusebenza ebusosheni ngenxa yokuthi unembeza wabo awubavumeli bangase bagwetshwe isikhathi esingangonyaka kuya kwemine ejele. Uma sesibala nezelamani zakwaSaburov, manje kunezinsizwa eziyishumi ezingoFakazi ezidonsa ejele eTurkmenistan ngenxa yokungathathi hlangothi.

Siyazi ukuthi uJehova uzobabusisa laba bafowethu abasebasha baseTurkmenistan ngesibindi sabo. Kwangathi ngamunye wabo angakhumbula isithembiso sikaJehova eNkosini u-Asa: “Nina, yibani namandla ningadikibali, ngoba umsebenzi wenu uyovuzwa.”—2 IziKronike 15:7.