Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 3, 2020
ITURKMENISTAN

UMfoweth’ UPetrosov Ukhululiwe Ejele Ngemva Kokudonsa Isigwebo Sonyaka ETurkmenistan

UMfoweth’ UPetrosov Ukhululiwe Ejele Ngemva Kokudonsa Isigwebo Sonyaka ETurkmenistan

UDavid Petrosov ungumfowethu oneminyaka engu-19 ubudala ohlala eTurkmenistan. Nakuba eneminyaka engaphansi kuka-20, kuye kwadingeka abhekane novivinyo olunzima lokholo lwakhe: wadonsa isigwebo sonyaka owodwa ejele ngokwenqaba kwakhe umsebenzi wasebusosheni ngenxa kanembeza. Ukhululwe ngoSepthemba 30, 2020.

UMfoweth’ uPetrosov uthi: “Uma ngikubeka ngamazwi ahloniphisayo, kunezikhathi lapho ngangisuke ngingajabule khona ejele. Kodwa uJehova wangiduduza ngeZwi lakhe. Ukwazi ukuthi uJehova uyayiqonda indlela engizizwa ngayo nokuthi wayehlale ekulungele ukungiduduza, kwangikhuthaza ukuba ngithandaze kuye. Kunamavesi ahlukahlukene angisizile ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene, kodwa ngangihlale ngiyikhumbula eyabaseFilipi 4:13.”

UMfoweth’ uPetrosov wazalelwa e-Ashgabat, inhlokodolobha yaseTurkmenistan. Ngesikhathi esakhula, wafunda ukushaya isiginci waze waba umpetha waso. Uyakuthanda ukubhala izingoma nokuchitha isikhathi ngaphandle—edlala ibhola, eqwala izintaba noma ebhukuda amachibini asendaweni yakubo.

Ngemva kokutadisha iBhayibheli nomunye onguFakazi KaJehova ayefunda naye ekilasini, wabhapathizwa ngo-2019. Nakuba lingekho ilungu lomndeni wakubo kaDavid elinguFakazi, bayazihlonipha izinkolelo zakhe nokholo lwakhe kuNkulunkulu.

Ngemva nje kokubhapathizwa kwakhe, uDavid kwadingeka avele enkantolo ngenxa yokwenqaba ukubhalisela ukuyoqeqeshelwa ubusosha. ETurkmenistan alukho uhlobo lomsebenzi womphakathi olungenziwa umuntu ongafuni ukusebenza ebusosheni. Ngakho, iziphathimandla zamgweba unyaka owodwa edonsa ejele.

Phakathi nawo wonke unyaka awudonse ejele, uJehova unikeze uMfoweth’ uPetrosov ukusekela abekudinga. UMfoweth’ uPetrosov ukhumbula okwenzeka, uthi: “Ngesikhathi ngisejele, umama wayedlulisela kimi imikhonzo evela kulabo ababengakwazi ukungivakashela. Wathi abafowethu nodadewethu babengithandazela njalo. Lokhu kwangijabulisa kakhulu.”

Ngokomthetho waseTurkmenistan, uDavid uyazi ukuthi usengaphinde abizelwe ebusosheni futhi okwesibili. Uma lokhu kungase kwenzeke, cishe uzophinde agwetshwe kodwa kube yisigwebo esithe ukuqina.

UDavid uthi: “Njenganoma yimuphi umuntu, angifisi ukubuyela ejele. Kodwa angesabi. Ukholo lwami kuJehova, abafowethu nodadewethu nezingoma zoMbuso, kunginika isibindi kungenze ngingantengantengi.”

Siyaqiniseka ngokuthi uJehova uzoqhubeka enika uDavid ukholo nesibindi. Sithandazela nabafowethu abayishumi baseTurkmenistan abasesejele ngenxa yokwenqaba ubusosha ngenxa kanembeza. Siyazi ukuthi uJehova uyabathanda, uyabakhumbula nokuthi uyabasekela.—IHubo 69:33.