Dlulela kokuphakathi

ITURKMENISTAN

Amanqampunqampu NgeTurkmenistan

Amanqampunqampu NgeTurkmenistan

OFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona eTurkmenistan kusukela ngasekupheleni kwawo-1980. Lapho iTurkmenistan iphuma ngaphansi kokubuswa yiSoviet Union ngo-Okthoba 1991, uhulumeni waqala ukubekela inkolo imingcele eqinile.

Inhlangano yoFakazi BakaJehova ayinalo ilungelo elingokomthetho eTurkmenistan. Abanye oFakazi baye bashaywa kanzima, baboshwa ngaphandle kobufakazi bamacala, kwaseshwa imizi yabo futhi bahlawuliswa lapho betholakala benza imisebenzi yabo engokwenkolo. Ngezinye izikhathi, amaphoyisa aye acupha oFakazi ukuze ababeke amacala abangawenzanga. Ngenxa yokuthi iTurkmenistan ayinalo uhlelo lwemisebenzi engenziwa yilabo abanqaba ukusebenza emasosheni ngenxa kanembeza, izinsizwa ezingoFakazi ziyamangalelwa bese ziyaboshwa. OFakazi BakaJehova sebefake izikhalazo ngalokhu eKomitini Yamalungelo Abantu Yezizwe Ezihlangene, nakwezinye izinhlangano zakwamanye amazwe.

Ngo-Okthoba 2014, uMongameli waseTurkmenistan wanikeza ushwele oFakazi abangu-8 ababeboshwe ngokungafanele. OFakazi badlulisele ukubonga kuhulumeni waseTurkmenistan ngaleso senzo. Bathemba ukuthi uhulumeni uzothatha izinyathelo ezengeziwe ukuze avikele amalungelo abantu okukhetha inkolo abayithandayo.