Dlulela kokuphakathi

SEPTEMBER 22, 2014
ITURKMENISTAN

Umama Wengane Uyakhululwa Ejele LaseTurkmenistan

Umama Wengane Uyakhululwa Ejele LaseTurkmenistan

UBibi Rahmanova nomndeni wakhe

UBibi Rahmanova waphuma ejele ngo-8:00 ebusuku ngo-September 2, 2014, wakhululwa kodwa amacala athweswe wona awasulwanga. Ekuseni ngalolo suku, amajaji eNkantolo Yesifunda SaseDashoguz ahlola isicelo sakhe. Nakuba engawasulanga amacala amanga uBibi abekwe wona, asishintsha isigwebo sakhe seminyaka emine ebhadla ejele wathola isigwebo sokubekelwe imingcele iminyaka emine futhi ayala ukuba adedelwe ngokushesha ejele. Lesi sinqumo saveza ukuthi amajaji acabangela izimo ezingenza ukuba umuntu abonelelwe—ukuthi uBibi wayengumuntu wesifazane ongumama wengane eneminyaka emine nokuthi wayengakaze aboshwe.

UBibi wafaka isicelo enkantolo ephakeme yezikhalo ngemva kokuba eboshiwe ngo-August 18 ngecala lamanga “lokulwa nephoyisa” nelokuba “yisixhwanguxhwangu.” Amaphoyisa athelekela uBibi nomyeni wakhe, uVepa, ngo-July 5 esiteshini sesitimela eDashoguz ngesikhathi belande izimpahla zabo, okwakukhona kuzo nezincwadi ezifundisa ngeBhayibheli. Kamuva amacala ayebekwe uVepa esulwa. Nokho, uBibi wathathwa wayiswa ejele ngo-August 8. Ngesikhathi esejele, waphathwa ngendluzula.

Ukudalulwa Kwezenzo Zokungabi Nabulungisa ETurkmenistan

Ummeli kaBibi wakwelinye izwe uthi ukukhululwa kukaBibi okungalindelekile, ngokwengxenye, kwabangelwa izikhalo ezivela emhlabeni wonke ngokuboshwa kwakhe ngokungenabulungisa.

Okwenzeke kuye kuvamile ukwenzeka koFakazi BakaJehova eTurkmenistan. Kujwayelekile ukuba angahloniswa amalungelo oFakazi BakaJehova. OFakazi abangu-8 baboshiwe ngenxa yokunamathela okholweni lwabo—abayisithupha baboshelwe ukwenqaba ubusosha ngenxa kanembeza, ababili baboshelwe amacala amanga. Baboshwe ngaphansi kwezimo ezicindezelayo futhi bahlukunyezwa ngezindlela ezihlukahlukene.

Kuyancomeka ukuthi amajaji aseNkantolo Yesifunda SaseDashoguz asenze saba ngcono isimo endabeni kaBibi, kodwa ahlulekile ukulungisa ukungabi nabulungisa. Labo abasihloniphayo isithunzi sabantu banethemba lokuthi iziphathimandla zaseTurkmenistan zizoyibheka ngeso elibanzi le ndaba futhi zenze ngokuvumelana nemithetho yamalungelo abantu emhlabeni wonke, zivumele ukuba abantu babe nenkululeko yokukhulekela ezweni lazo.

Le nkantolo yesifunda yasilengisa isigwebo sakhe seminyaka emine ejele futhi yamnika isigwebo sokubekelwa imingcele iminyaka emine esihlanganisa ukuboshelwa ekhaya iminyaka emithathu. Phakathi nesikhathi aboshelwe ngaso ekhaya, kumelwe aziphathe kahle futhi angalishiyi idolobha ahlala kulo ngaphandle kokuqale athole imvume eziphathimandleni.