Dlulela kokuphakathi

AUGUST 27, 2014
ITURKMENISTAN

Umama Womntwana Oneminyaka Emine Ugwetshwa Ngendlela Engenabulungisa ETurkmenistan

Umama Womntwana Oneminyaka Emine Ugwetshwa Ngendlela Engenabulungisa ETurkmenistan

Enkantolo yesikhashana yaseDashoguz, eTurkmenistan, iJaji uGagysyz Orazmuradov lagweba uBibi Rahmanova oneminyaka engu-33 ngokungenabulungisa ngamacala amanga. Ngo-August 18, uBibi, umama womfanyana oneminyaka emine, walahlwa yicala “lokulwa nephoyisa” nelokuba “yisixhwanguxhwangu.” * Leli jaji lakhipha isigwebo esiqatha—iminyaka emine ebhadla ejele lombuso wobushiqela, okuyijele lezigelekeqe.

Baboshwa Besesiteshini Sesitimela

Usizi lukaBibi lwaqala ngo-July 5, 2014, kusihlwa, lapho yena nomyeni wakhe uVepa Tuvakov, kanye nendodana yabo, beya esiteshini sesitimela saseDashoguz beyolanda izincwadi ezikhuluma ngeBhayibheli kanye nezinye izinto zabo ezazithunyelwe umngane wabo wase-Ashgabad. Lapho nje abakwaTuvakov beqeda ukuthatha isikhwama ababesilandile, amaphoyisa ayisithupha esilisa ayengazigqokile izingubo zamaphoyisa ababamba futhi afuna ukubona ukuthi kukhonani esikhwameni. Lapho ethola i-laptop nezincwadi zoFakazi BakaJehova, abakhakhabisa ebathuka futhi abesabisa ngokuthi ngokushesha indodana yabo izosala iyintandane.

UBibi wabe eseqala ukuqopha lokho okwakwenzeka ngomakhalekhukhwini wakhe futhi wawufihla ngaphansi kwehembe ayeligqokile lapho amaphoyisa ezama ukumephuca wona. Amaphoyisa amdonsa ngezinwele, amkhahlela futhi amshaya, abe esembamba izandla. Njengoba ayesabanjiwe, elinye iphoyisa laphakamisa ihembe lakhe labe selimthinta ngendlela engafanele lapho lithatha umakhalekhukhwini wakhe. UBibi wazivikela kulokho kuhlukunyezwa kodwa akazange enqabe ukuboshwa futhi akalwanga nephoyisa.

UBibi noVepa bekanye nendodana yabo

La maphoyisa abe esethatha umndeni wakwaTuvakov awuyisa esiteshini samaphoyisa. Abe esetshela uVepa ukuba asayine isitatimende esase sibhaliwe. Wenqaba. Amaphoyisa amshaya ephindelela ngesikhathi uBibi nendodana yabo bekwelinye igumbi. Noma kunjalo, uVepa wenqaba ukusayina. UBibi naye wenqaba ukusayina isitatimende ayesibhalelwe futhi naye washaywa. Amaphoyisa avalela uBibi nendodana yakhe ubusuku bonke aze abakhulula ngosuku olulandelayo. * Ngemva kokuba uBibi efake isikhalo ezikhulwini zikahulumeni waseTurkmenistan, uVepa wadedelwa ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngo-July 11. Engazimisele ukuhoxa, ngokushesha amaphoyisa asedolobheni laseDashoguz aqala ukwenza uphenyo ngoBibi nomyeni wakhe.

Ukuboshwa, Ukuvalelwa Esitokisini Nokuquliswa Icala

UBibi wamangalelwa ngo-August 6, wavalelwa esitokisini ngo-August 8, wabe esevela phambi kwenkantolo ngo-August 18. Phakathi nokuqulwa kwecala, iJaji u-Orazmuradov labonisa ukukhetha okusobala. Lalilokhu limngena emlonyeni ummeli kaBibi lapho ethi uyamkhulumela. Lapho amaphoyisa enikeza ubufakazi obungqubuzanayo, leli jaji lamenqabela ummeli kaBibi lapho efuna ukuwahloma imibuzo. Ijaji lamvimba noVepa lapho ethi unikeza ubufakazi ngendlela enesihluku uBibi aphathwa ngayo amaphoyisa, lenqaba nokulalela okwakuqoshiwe kwaleso sigameko. Ijaji lalahla uBibi ngecala futhi lamgweba iminyaka emine ejele.

UBibi kumelwe afake isikhalo sakhe ngesahlulelo asithola engakadluli u-August 28, futhi kuze kube yileso sikhathi uzolokhu egcinwe esitokisini esibizwa ngokuthi iDZD-7. Uma kuwukuthi isikhalo sakhe siyachithwa, uzothunyelwa ejele lombuso, cishe elisogwadule lwaseSeydi. Uzolahlekelwa yinkululeko yakhe, aphinde alahlekelwe nayithuba lokukhulisa indodana yakhe esencane.

Nakuba uVepa engakabekwa cala, kunamathuba amaningi okuthi uzomangalelwa, aquliswe amacala amanga futhi agwetshwe ngokungenabulungisa ejele. Uma lokhu kwenzeka, indodana yabo izolahlekelwa yibo bobabili abazali bayo. Asikho isizathu sale mpatho engenabulungisa.

Ukukhalela Ubulungisa

ITurkmenistan inomlando omude wokuphatha kabi oFakazi BakaJehova nokubenqabela amalungelo abantu. OFakazi BakaJehova emhlabeni jikelele, kanye nabanye abaningi abasihloniphayo isithunzi sabantu nelungelo labo lokuba nenkululeko yokukhulekela, bathemba ukuthi uhulumeni waseTurkmenistan uzokulungisa lokhu.

^ isig. 2 Ukuba yisixhwanguxhwangu okuhambisana nokuphikisana nephoyisa lomthetho kunesigwebo esifinyelela eminyakeni emihlanu ejele.

^ isig. 6 Indodana yabo yathathwa yisihlobo sabo ekuseni ngo-July 6; uBibi wakhululwa kamuva ngalolo suku.