Dlulela kokuphakathi

Imininingwane NgeHhovisi Nokubuka Indawo

Sikwamukela ngokufudumele ukuba uzobona amahhovisi ethu nezindawo zokunyathelisa. Thola izindawo ezikuzo nezikhathi zokubuka indawo.

 

Ukubukwa Kwezakhiwo Zegatsha: Emazweni amaningi, kusukela ngomhla ka-1 Juni, 2023, sizophinde siqhubeke nokubuka amahhovisi egatsha. Ukuze uthole imininingwane, thinta igatsha ofisa ukulivakashela. Sicela ungavakashi uma sekutholakale ukuthi une-COVID-19, unezimpawu zomkhuhlane, noma uma muva nje uke wahlangana nomuntu okutholakale ukuthi une-COVID-19.

ENingizimu Afrika

Imininingwane Mayelana Nokubuka Indawo

Ingabe kufanele ubhukhe ngaphambi kokufika uzobuka indawo? Yebo. Ukuze kugwenywe isiminyaminya futhi siqiniseke ukuthi wonke umuntu uyakujabulela ukubuka indawo. Sicela bonke abantu babhukhe ngaphambi kokufika bezobuka indawo, kungakhathaliseki ukuthi niyiqembu elingakanani. Bhukha kusasele okungenani isonto elilodwa. Ngamaholide sinikhuthaza ukuba nibhukhe kusenesikhathi esanele.

Uma ungabhukhanga, usengakwazi yini ukubuka indawo? Uma ungabhukhanga, singase singakwazi ukukwamukela. Ngenxa yendawo ekhona, yinani elithile kuphela elikwazi ukubuka indawo usuku ngalunye.

Kufanele ufike ngobani isikhathi uma uzobuka indawo? Ukuze kugwenywe isiminyaminya, sicela ufike kusasele ihora ngaphambi kokuba kuqale isikhathi enisibhukhile.

Ungabhukha kanjani? Chofoza ibhathini elithi “Bhukha Ukuze Uzobuka Indawo.”

Ungakwazi ukushintsha noma ukhansele isicelo sokubuka indawo? Yebo. Chofoza ibhathini elithi “Bheka Noma Ushintshe Isicelo Sakho Sokubhukha.”

Kuthiwani uma singekho isikhala sokubuka indawo ngosuku engilukhethile? Qhubeka nokubheka kuyiwebusayithi. Isikhala sokubuka indawo siba khona njengoba abantu beshintsha isikhathi noma bekhansela.

Dawuniloda Incwajana Yokubuka Indawo

Imibukiso

Indawo Yezivakashi Esezindaweni Zokuhlala: Amavidiyo amaningi ozobe uwabuka njengoba uqhubeka nokubuka indawo, azokubonisa lokho okwenziwa eBethel nendlela iBethel esekela ngayo indlela esikhonza ngayo.

Indawo Yezivakashi EPrintery 2: Amavidiyo abonisa ukubaluleka kokuhumusha nokunyathelisa izincwadi ngezilimi zendawo. Indawo ephakeme ozoma kuyo izokubonisa okwenzekayo emshinini wokunyathelisa. Umbukiso wamaBhayibheli ubonisa umlando wendlela igama likaNkulunkulu elasetshenziswa ngayo emaBhayibhelini ezilimi zendawo.

Indawo Yezivakashi EPrintery 3: Indawo ephakeme oma kuyo izokubonisa yonke indawo lapho kupakishwa khona izincwadi nombiko wamanani ezincwadi ezipakishwayo nezindawo eziya kuzo. Amavidiyo azokubonisa ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso, ukuthumela izincwadi nokwenziwa kwamavidiyo nezinto ezilalelwayo.

Imininingwane Eyengeziwe: Izimoto zithutha abantu zibayise ezindaweni zezivakashi. Izivakashi zingajabulela ukudla kwasemini eNdaweni Yokuphumula Yezivakashi.

Ikheli Nenombolo Yocingo

1 Robert Broom Drive East

Rangeview

KRUGERSDORP

1739

SOUTH AFRICA

+27 11-761-1002