Dlulela kokuphakathi

Imininingwane NgeHhovisi Nokubuka Indawo

Sikwamukela ngokufudumele ukuba uzobona amahhovisi ethu nezindawo zokunyathelisa. Thola izindawo ezikuzo nezikhathi zokubuka indawo.

 

Ukubukwa Kwezakhiwo Zegatsha: Emazweni amaningi, kusukela ngomhla ka-1 Juni, 2023, sizophinde siqhubeke nokubuka amahhovisi egatsha. Ukuze uthole imininingwane, thinta igatsha ofisa ukulivakashela. Sicela ungavakashi uma sekutholakale ukuthi une-COVID-19, unezimpawu zomkhuhlane, noma uma muva nje uke wahlangana nomuntu okutholakale ukuthi une-COVID-19.

Venezuela

Av. Intercomunal La Victoria-El Consejo

Frente a La Mora II

LA VICTORIA 2121 ESTADO ARAGUA

VENEZUELA

+58 244-400-5000

Isikhathi Sokubuka Indawo

UMsombuluko kuya kuLwesihlanu

Ngo-8:00 ekuseni kuya ku-11:00 ekuseni nango-1:00 ntambama kuya ku-4:00 ntambama

Kuthatha ihora

Okuvelele

Kuhunyushwa izincwadi zeBhayibheli ngoLimi Lwezandla LwaseVenezuela nangezilimi ezinhlanu zabomdabu: isiGuahibo, isiPemon, isiPiaroa, isiWarao nesiYukpa. Kuqondiswa umsebenzi woFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-140000 eVenezuela.

Dawuniloda incwajana ebonisa indawo.