Kungani OFakazi BakaJehova Bengayibizi Indawo Abahlangana Kuyo Ngokuthi Isonto?
EBhayibhelini, igama lesiGreki ngezinye izikhathi elihunyushwa ngokuthi “isonto” libhekisela eqenjini labakhulekeli, hhayi esakhiweni abahlangana kuso.
Phawula lesi sibonelo: Lapho umphostoli uPawulu ebhalela amaKristu aseRoma, wathumela imikhonzo ku-Akhwila noPrisila wabe esethi: “Nibingelele isonto elihlangana endlini yabo.” (Roma 16:5, Contemporary English Version) UPawulu wayengathumeli leyo mikhonzo esakhiweni. Kunalokho, wayeyithumela kubantu—ibandla elalihlangana kuleyo ndlu. a
Ngakho kunokuba sibize indawo yethu yokukhulekela ngokuthi isonto, sithi “IHholo LoMbuso.”
Kungani Nithi “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova”?
Leli gama liyafaneleka ngenxa yezizathu eziningana:
Lesi sakhiwo siyihholo, noma indawo yemihlangano.
Siyahlangana ukuze sikhulekele uJehova, uNkulunkulu weBhayibheli, nokufakaza ngaye.—IHubo 83:18; Isaya 43:12.
Siyahlangana futhi ukuze sifunde ngoMbuso kaNkulunkulu, lowo uJesu ayevame ukukhuluma ngawo.—Mathewu 6:9, 10; 24:14; Luka 4:43.
Wamukelekile ukuvakashela eHholo LoMbuso elisendaweni yakini uzozibonela indlela oFakazi BakaJehova abayiqhuba ngayo imihlangano yabo.
a Amazwi afanayo ayavela kweyoku-1 Korinte 16:19; Kolose 4:15; nakuFilemoni 2.