Kungani Ngezinye Izikhathi OFakazi BakaJehova Bengaphenduli Lapho Kushiwo Izinto Ezingezinhle Ngabo?
OFakazi BakaJehova balandela iseluleko seBhayibheli sokungaphenduli ngezinye izikhathi lapho kushiwo izinto ezingezinhle ngabo nalapho benziwa inhlekisa. Ngokwesibonelo, isaga seBhayibheli sithi: “Oqondisa umhleki wosulu uzithathela ihlazo.” (IzAga 9:7, 8; 26:4) Kunokuzifaka ezimpikiswaneni ezingenasidingo nezingelona iqiniso, sigxila ekujabuliseni uNkulunkulu.—IHubo 119:69.
Kukhona “isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:7) Siyabaphendula abantu abafisa ngempela ukuthola iqiniso, kodwa siyazigwema izimpikiswano ezingasizi ngalutho. Ngokwenza kanjalo silandela izimfundiso nezibonelo zikaJesu nezamaKristu okuqala.
UJesu akazange aphendule lapho emangalelwa ngamanga kuPilatu. (Mathewu 27:11-14; 1 Petru 2:21-23) Waphinde wangaphendula nalapho kuthiwa uyisidakwa nesiminzi. Kunalokho, wavumela indlela yakhe yokuziphatha kwaba iyona enikeza ubufakazi ngokuvumelana nesimiso esithi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Nokho, lapho izimo ziphoqa, wabaphendula ngesibindi labo ababemhlambalaza.—Mathewu 15:1-3; Marku 3:22-30.
UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bangadumali lapho bebhecwa ngamanga. Wathi: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami.” (Mathewu 5:11, 12) Nokho, uJesu wabuye wathi lapho izinsolo ezinjalo zivulela abalandeli bakhe ithuba lokuba bashumayele, wayezosifeza isithembiso sakhe esithi: “Ngiyoninika umlomo nokuhlakanipha, bonke abaphikisi benu behlangene abangeke bakwazi ukumelana nakho noma bakuphikise.”—Luka 21:12-15.
Umphostoli uPawulu weluleka amaKristu ukuba agweme izimpikiswano ezingasizi ngalutho nabaphikisi, echaza izimpikiswano ezinjalo ‘njengezingazuzisi futhi eziyize.’—Thithu 3:9; Roma 16:17, 18.
Umpostoli uPetru wakhuthaza amaKristu ukuba avikele ukholo lwawo lapho izimo zivuma. (1 Petru 3:15) Nokho, wayeqaphela ukuthi indlela engcono yokukwenza lokhu kwakungezenzo ezinhle kunangamazwi. Wabhala: “Ngokwenza okuhle [ningase] ninqande inkulumo yokungazi yabantu abangenangqondo.”—1 Petru 2:12-15.