Kungani OFakazi BakaJehova Beye Bazishintsha Ezinye Zezinkolelo Zabo?
Besilokhu sisebenzisa iBhayibheli njengeliwukuphela kwegunya lalokho esikukholelwayo, ngakho siye salungisa izinkolelo zethu njengoba ukuqonda kwethu imiBhalo kuya kucaca. a
Ushintsho olunjalo luyahambisana nesimiso seBhayibheli esisencwadini yezAga 4:18: “Indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhulu okuqhubeka kukhanya ngokwengeziwe kuze kube semini enkulu.” Njengoba ukuphakama kwelanga kwembula ubuhle bendawo kancane kancane, uNkulunkulu usenza siwaqonde kancane kancane amaqiniso eZwi lakhe, ngesikhathi sakhe esifanele. (1 Petru 1:10-12) Njengoba iBhayibheli labikezela, uye wakusheshisa lokhu kulesi “sikhathi sokuphela.”—Daniyeli 12:4.
Lokhu kulungiswa kokuqonda kwethu akufanele kusimangaze noma kusiphazamise. Nabakhulekeli bakaNkulunkulu basendulo bake baba nemibono noma ukuqonda okuyiphutha futhi kwadingeka balungise indlela ababheka ngayo izinto.
UMose wafuna ukuba umkhululi wesizwe sakwa-Israyeli eminyakeni engu-40 ngaphambi kwesikhathi uNkulunkulu ayesihlelile.—IzEnzo 7:23-25, 30, 35.
Abaphostoli abasiqondanga isiprofetho esabikezela ngokufa nokuvuswa kukaMesiya.—Isaya 53:8-12; Mathewu 16:21-23.
Amanye amaKristu okuqala ayenemibono eyiphutha mayelana nesikhathi sokufika ‘kosuku lukaJehova.’—2 Thesalonika 2:1, 2
Kamuva uNkulunkulu wakulungisa ukuqonda kwabo okuyiphutha futhi nathi sithandazela ukuba aqhubeke esenzela okufanayo.—Jakobe 1:5.
a Asizami ukuzifihla lezi zinguquko endleleni esiqonda ngayo iBhayibheli. Eqinisweni, siyaziphawula siziveze obala. Ngokwesibonelo, bheka esithi: “Izinkolelo Ezicacisiwe” engosini yethu.