Umuntu Angakwazi Yini Ukwesula Njengomunye WoFakazi BakaJehova?
Yebo. Umuntu angayishiya inhlangano yethu ngezindlela ezimbili:
Ngokufaka isaziso. Umuntu angasho ngomlomo noma ngencwadi ebhaliwe ukuthi akasafuni ukwaziwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
Ngezenzo. Umuntu angathatha isinyathelo esenza kucace ukuthi akasafuni ukubhekwa njengoyingxenye yenhlangano yethu yomhlaba wonke. (1 Petru 5:9) Ngokwesibonelo, angahamba ayosonta kwenye inkolo futhi akwenze kucace ukuthi usefisa ukuqhubeka nayo.—1 Johane 2:19.
Kuthiwani uma umuntu engasayi koshumayela noma emihlanganweni? Ingabe umuntu onjalo uthathwa njengowesulile?
Cha, akunjalo. Ukwesula noma ukuzehlukanisa kwehlukile kunokuba buthaka okholweni. Labo okuye kwenzeka ngesinye isikhathi banciphisa noma bayiyeka inkonzo yabo, ngokuvamile basuke bengalulahlile ukholo lwabo kodwa bemane behlushwa imizwa yokudikibala. Kunokubafulathela abanjalo, sizama ukubaduduza futhi sibasekele. (1 Thesalonika 5:14; Jude 22) Uma umuntu efuna usizo, abadala bebandla bayahola ekunikezeni usizo olungokomoya.—Galathiya 6:1; 1 Petru 5:1-3.
Nokho, abadala abanayo imvume yokuphoqa noma yokucindezela umuntu ukuba aqhubeke engomunye woFakazi BakaJehova. Umuntu ngamunye uzenzela isinqumo sakhe ngokuphathelene nenkolo. (Joshuwa 24:15) Sikholelwa wukuthi labo abakhonza uNkulunkulu kumelwe bakwenze ngokuzithandela nangokusuka enhliziyweni.—IHubo 110:3; Mathewu 22:37.