Dlulela kokuphakathi

Ilondolo YaseBethel: Kuwashwa Izimfaduko Nothayi Bakasilika

Ilondolo YaseBethel: Kuwashwa Izimfaduko Nothayi Bakasilika

Izinsizwa nezintombi zasegatsheni loFakazi BakaJehova e-United States zidela isikhathi namandla azo ziwasha izingubo ezingaba amathani angu-1 800 unyaka ngamunye ezakhiweni ezintathu zaseBrooklyn, ePatterson naseWallkill, eNew York. Ziningi kakhulu lezi zingubo. Kodwa okumangazayo izinhlobonhlobo zezingubo lezi zisebenzi eziziwashayo.

Usuku ngalunye, labo abahlala ezakhiweni zaseBethel yase-United States bathumela izingubo zokugqoka ezingaphezu kuka-11 000 kula malondolo aseBethel—amahembe angu-2 300, amabhulukwe angu-1 300, amasokisi, izingubo zangaphansi nezikibha. Bathumela nezinye izinto ezingu-900 kuyi-dry cleaner.

Kuphinde kuthunyelwe nenqwaba yamashidi, amathawula, izingubo zokulala, izingubo zoweta nezimfaduko. Zonke ziyawashwa, zomiswe, zithunyelwe kubanikazi. Izinto ezinjengezimfaduko zifakwa zonke emshinini, bese kuthi othayi bakasilika namahembe abesifazane awashwe ngawodwa.

Izisebenzi zaselondolo zihlola zonke izingubo ukuthi azidabukanga yini noma kwaphuma izinkinobho. Kunomshini ofaka izinkinobho uma ziphumile, noma zithungelwe ngezandla. Uma kunengubo edinga ukuthungwa, ithungwa isisebenzi esikwazi ukuthunga.

Ukuze lezi zingubo eziningi kangaka eziwashwayo zingabalahlekeli abanikazi, kunomshini ogxiviza isigqebhezana esinenombolo engutsheni ngayinye. Le nombolo yenza kube lula ukupakisha izingubo ukuze uma seziwashiwe za-ayinwa zithunyelwe emkhayeni waseBethel yase-United States.

Izisebenzi ezintsha zaselondolo ziqeqeshwa abanye asebengomakad’ ebona. Isisebenzi ngasinye singafunda izabelo ezifinyelela ku-20. Esinye sezabelo esibonakala silula kodwa okuthatha isikhathi eside ukuba umuntu asazi kahle ukususa amabala. Isisebenzi esisha kumelwe sizazi kahle izindwangu nalokho okwenzekayo lapho zifakwa amakhemikhali athile noma kwenziwa okuthile kuzo.

UTajh, osesebenze elondolo unyaka nengxenye, uthi ngalabo asebenza nabo, “Kunokwethembana okukhulu phakathi kwethu—ukusebenza nabantu bezizinda ezihlukahlukene kuyajabulisa.” UShelly, ongesinye sezisebenzi, uthi, “Kuyilungelo ukusiza ekugcineni amalungu omkhaya wethu waseBethel emahle.”