Dlulela kokuphakathi

Ukubuka Izenzakalo Zesikhathi Esidlule

Ukubuka Izenzakalo Zesikhathi Esidlule

Ngo-October 2012 kusungulwe indlela yokuba izivakashi zizihambele zodwa zibuke indawo zibone umlando woFakazi BakaJehova endlunkulu yethu yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York. a Kuboniswa ikakhulu ubunzima, izingozi nempumelelo yabathile ababengamaKristu.

Izivakashi zibuka izenzakalo zesikhathi esidlule, kusukela enkathini yamaKristu ngo-33 C.E. kuqhubeke kuze kube namhlanje. Izinto ezibukwayo zihlukaniswe zaba izingxenye ezine futhi zineshadi lezenzakalo elibonisa izikhathi lezi zenzakalo ezenzeka ngazo. Ingxenye ngayinye inesihloko esisekelwe eBhayibhelini futhi yethulwa nge-video emfushane yesiNgisi, enamagama ahumusha inkulumo ngezilimi eziyisithupha​—isiFulentshi, isiJapane, isiKorea, isiNtaliyane, isiPutukezi neSpanishi.

Izingxenye Eziyinhloko Zendawo Ebukwayo

Ingxenye yokuqala, enesihloko esithi “Abantu Baye Bathanda Ubumnyama,” isekelwe emazwini kaJesu akuJohane 3:19. IBhayibheli labikezela ukuthi kwakuyovela abantu ababi ‘bakhulume izinto ezisontekile.’ (IzEnzo 20:30) Izikhumbuzo ezisangulukisayo zezenzo zalabo bantu zikhona eshadini lezenzakalo.

Ingxenye yesibili inesihloko esithi “Ukukhanya Makukhanye,” okungamazwi akweyesi-2 Korinte 4:6. Ishadi lezenzakalo libonisa isikhathi esisukela ngasekupheleni kwawo-1800 kuze kube ngasekuqaleni kwawo-1900. Le ngxenye iqala ngendaba yamadoda aqotho aqala phansi afunda iBhayibheli futhi ichaza ngokukhula kolwazi lwawo nokwanda kwawo ngaphambi kweMpi Yezwe I.

Kule ngxenye yesibili kube sekuboniswa umkhiqizo owaziwayo obizwa ngokuthi i-“Photo-Drama of Creation.” Ngo-1914 abaFundi BeBhayibheli (njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi) baqala ukubukisa le drama ephawulekayo, eyayinanezithombe ezinyakazayo nemisindo eqoshiwe. Eminyakeni yangemva kokukhishwa kwayo, izigidi zathutheleka zayoyibukela. Izinto ezibukwa izivakashi zihlanganisa eminye imidwebo yale drama, i-video emfushane eyisethulo sayo nama-slide ayimibalabala angaphezu kuka-500.

Ingxenye yesithathu inesihloko esithi “Udrako Wagcwala Ulaka” esithathelwe kuyisAmbulo 12:17. Inomlando wokushushiswa kwabalandeli bakaKristu phakathi nekhulu lama-20 leminyaka futhi inezindaba zamaKristu angazange athathe hlangothi ngezikhathi zempi. Enye i-video ibonisa indaba kaRemigio Cuminetti, uFakazi owenqaba ukugqoka iyunifomu yamasosha aseNtaliyane nokulwa eMpini Yezwe I. Enye ilandisa ngo-Alois Moser wase-Austria. Wenqaba ukuthi “Heil Hitler!” futhi ngenxa yalokho waxoshwa emsebenzini futhi wagcine evalelwe ekamu lokuhlushwa laseDachau.

Kwenziwe ijele eliwumfuziselo elingenakho ukukhanya, elinezithombe zoFakazi BakaJehova ababeboshelwe ukholo lwabo emazweni anjengaseGreece, eJapane, ePoland naseSerbia.

Ingxenye yokugcina inesihloko esithi “Izindaba Ezinhle Zezizwe Zonke” esisekelwe kuMathewu 24:14 futhi ibonisa umsebenzi woFakazi BakaJehova kusukela ngo-1950 kuze kube namhlanje. Izithombe ezisetshenzisiwe zisitshela ngokwanda okusheshayo, ukuphikelela ekushumayeleni nothando lobuzalwane, okuyizimpawu zoFakazi BakaJehova.

Ngaphambi kokuba isivakashi sihambe, singaya lapho singabukela khona iBible House neBrooklyn Tabernacle, izakhiwo ebezilokhu zisetshenziswa oFakazi BakaJehova eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule.

Kungani Kwakhiwe Lesi Sakhiwo?

Kuthathe unyaka wonke ukuba kuhlelwe umsebenzi, kwathatha izinyanga eziningana ukuba le ndawo yakhiwe. OFakazi basemazweni ahlukahlukene banikela ngezinto ababezibheka njengezingamafa ayigugu.

Kungani kwenziwe wonke lo msebenzi? Lapho libuzwa ukuthi oFakazi BakaJehova bazozuzani ngokuzobuka le ndawo, elinye ilungu leNdikimba Ebusayo LoFakazi BakaJehova lasho amazwi esivame ukuwezwa: “Ukuze wazi lapho uya khona, kufanele wazi ukuthi usukaphi.”

a Indawo okubukwa kuyo lo mlando ise-25 Columbia Heights, eBrooklyn, eNew York, futhi ivulwa ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu, ngo-8:00 ekuseni kuya ku-5:00 ntambama. Kungenwa mahhala.