OFakazi BakaJehova Bafinyelela Amanani Aqopha Umlando
Ngo-1987, uLyman Swingle, owayeyilungu leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, wakhuluma nabantu abangu-63 580 ababebuthene enkundleni iPlaza Monumental, eValencia, eVenezuela. Abaningi babehambe ngamabhasi ubusuku bonke ukuze bazothamela inkulumo yakhe. Ekhuluma naleso sixuku esikhulu, uMfoweth’ uSwingle wathi: “Aniselona igatsha elincane. Seniyigatsha elilingene. Futhi kubonakala sengathi maduze nizoba elinye lamazwe anabamemezeli abangu-100 000.”
Ngo-1987, eVenezuela kwakunabamemezeli abangu-38 000—oFakazi BakaJehova abashumayela njalo ngezindaba ezinhle zoMbuso. Ngaleso sikhathi, ayengu-8 kuphela amazwe ayenabamemezeli abangaphezu kuka-100 000.
OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baye banda ngendlela emangalisayo. Ngemva kweMpi Yezwe I, babeyizinkulungwane ezimbalwa kuphela ababememezela uMbuso kaJehova obala. Izinto zashintsha. I-1943 Yearbook of Jehovah’s Witnesses yathi: “Umbiko ohlangene ka-1942, nakuba ungaphelele, ngenxa yezindlela zokuxhumana, uyisibusiso . . . , ngoba ubonisa ukuthi emhlabeni wonke sekunabamemezeli abangaphezu kuka-106 000 ababika umsebenzi [wokushumayela izindaba ezinhle].“ Ngisho naphakathi kweziyaluyalu seMpi Yezwe II, abantu abaningi basabela kahle eqinisweni leBhayibheli. Ngo-1950, abamemezeli base-United States iyodwa badlula ku-100 000.
Izwe elalandela ngokufika enanini labamemezeli elingu-100 000 kwaba yiNigeria, ngo-1974.
Ngonyaka olandelayo, inani labamemezeli kokubili eBrazil naseGermany ladlula ku-100 000. Lokhu kwanda emazweni amane kufakazela ukuthi iqiniso leBhayibheli likhanga bonke abantu.
Kuwo wonke umhlaba, amanani alabo abamukela izindaba ezinhle aye aqhubeka anda. Lokhu kuvumelana nalokho okwabikezelwa iBhayibheli: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.”—Isaya 60:22.
Ngokombiko wonyaka wenkonzo ka-2014, kunamazwe angu-24 anabamemezeli abangaphezu kuka-100 000. Elinye lawo yiVenezuela, eyaqopha lowo mlando ngo-2007. Emhlabeni wonke, kunabamandla oFakazi BakaJehova angu-115 416 nabamemezeli abangu-8 201 545.
Izwekazi |
Izwe |
Abamemezeli |
---|---|---|
Africa |
Angola |
108,607 |
Congo, Democratic Republic of |
216 024 |
|
Ghana |
125 443 |
|
Nigeria |
362 462 |
|
Zambia |
178 481 |
|
Asia |
Japan |
215 703 |
Korea, Republic of |
100 641 |
|
Philippines |
196 249 |
|
Europe |
Britain |
138 515 |
France |
127 961 |
|
Germany |
166 262 |
|
Italy |
251 650 |
|
Poland |
123 177 |
|
Russia |
171 268 |
|
Spain |
112 493 |
|
Ukraine |
150 906 |
|
North America |
Canada |
116 312 |
Mexico |
829 523 |
|
United States of America |
1 243 387 |
|
South America |
Argentina |
150 171 |
Brazil |
794 766 |
|
Colombia |
166 049 |
|
Peru |
123 251 |
|
Venezuela |
140 226 |