Ukuyisa Isigijimi SeBhayibheli ENyakatho Ekude
Ngo-2014, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yanikeza isiqondiso ngokuphathelene nohlelo olusha lokuyisa isigijimi seBhayibheli ezindaweni ezikude ezisenyakatho zaseYurophu naseNyakatho Melika. (IzE. 1:8) Ekuqaleni, lolu hlelo lwalugxile emiphakathini ekhethiwe yase-Alaska (e-U.S.A.), eLapland (eFinland), eNunavut naseziFundeni ZaseNyakatho-ntshonalanga (eCanada).
Sekungamashumi eminyaka oFakazi BakaJehova beya kulezi zindawo ezikude beyoshumayela. Nokho, labo Fakazi bebehlala isikhathi esincane futhi ukuphela kwento abebekwazi ukuyenza ukusakaza izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini.
Kuleli lungiselelo elisha, amahhovisi egatsha anakekela lo msebenzi woFakazi BakaJehova ezindaweni ezikude ezisenyakatho, amema izikhonzi zesikhathi esigcwele (amaphayona) ukuba zihlale okungenani izinyanga ezintathu ezindaweni ezikhethiwe. Uma abantu abaningi emphakathini bekuthanda ukutadisha iBhayibheli, lezi zikhonzi zingase zihlale isikhathi esijana zize ziqhube nemihlangano yeningi.
Yiqiniso, le ndawo yaseNyakatho inezinselele. Emaphayoneni amabili abelwe eBarrow, e-Alaska, elinye lalihlala eningizimu yeCalifornia phambilini, elinye lihlala eGeorgia, e-U.S.A. Phakathi nobusika bawo bokuqala eseBarrow, kwabanda kakhulu, amazinga okushisa ehla aze afika ku-38°C ngaphansi kwezingaqhwa! Nokho, ezinyangeni ezimbalwa efikile, avakashela amakhaya angaba ngamaphesenti angu-95 kulelo dolobha futhi aqala izifundo zeBhayibheli ezine, kuhlanganise nesinye isifundo sensizwa ogama layo linguJohn. Le nsizwa nentombi yayo batadisha incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? futhi ekufundayo ikuxoxa nabangane bayo nesebenza nabo. Ifunda nomBhalo wosuku kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke isebenzisa i-JW Library app ekumakhalekhukhwini wayo.
Awukho umgwaqo oya eRankin Inlet ensimini yaseCanada yaseNunavut. Amaphayona amabili aya kuleso siqhingana ngendiza futhi aqala izifundo zeBhayibheli eziningana. Ngemva kokuba enye indoda ibukele i-video ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? yabuza ukuthi sizolakha nini iHholo LoMbuso emphakathini. Yanezela, “uma nakha ngisekhona, ngizoza emihlanganweni.”
Amanye amaphayona abelwa eSavukoski, eFinland, indawo lapho ama-reindeer emaningi ngokuphindwe izikhathi eziyishumi kunabantu, abika: “Lishubisa umnkantsha futhi liyakhithika.” Nokho, bathi bafika ngesikhathi esikahle. Kungani? Ayabika: “Sikwazile ukuyihlanganisa kahle insimu. Kuhlale kususwa iqhwa emigwaqweni eya emadolobheni nasezindaweni ezisemaphandleni. Ngenxa yokuthi kuyabanda, abantu basemakhaya isikhathi esiningi.”
Imizamo yethu yokuhlanganyela iqiniso leBhayibheli nabantu basenyakatho iye yabakhanga abanye. Ngemva kokuba amaphayona amabili evakashele imeya yelinye lamadolobha ase-Alaska, yafaka umyalezo omuhle engosini yokuxhumana eku-Internet, iphawula ngengxoxo ebe nayo nawo yafaka nesithombe sepheshana elinesihloko esithi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
EHaines, e-Alaska, amaphayona amabili ajabulela ukubona kufika abantu abangu-8 emhlanganweni weningi owawuqhutshelwa emtapweni wezincwadi womphakathi, iphephandaba lendawo labika ukuthi amadoda amabili avela eTexas naseNyakatho Carolina ayesedolobheni efuna ukubafundisa iBhayibheli emakhaya. Isimemezelo saleli phepha saphetha ngala mazwi: “Ngena ku-jw.org ukuze ufunde okwengeziwe.”