Dlulela kokuphakathi

Umkhankaso Womhlaba Wonke Wokukhangisa Nge-JW.ORG

Umkhankaso Womhlaba Wonke Wokukhangisa Nge-JW.ORG

Ngo-August 2014, oFakazi BakaJehova emhlabeni jikelele basakaza ipheshana ukuze bakhangise nge-jw.org. Ngenxa yalokho, inani lezikhathi abantu abangena ngazo kule ngosi lenyuka ngamaphesenti angaphezu kuka-20 phakathi naleyo nyanga, lafinyelela izigidi ezingaba ngu-65. Emhlabeni jikelele, abantu abangaba ngu-10 000 bacela izifundo zeBhayibheli zamahhala besebenzisa le ngosi ye-Internet—okuyinani eledlula elenyanga eyayandulele ngamaphesenti angu-67! Lo mkhankaso wasiza abantu kuzo zonke izindawo.

Usizo kulabo abafuna izimpendulo zemibuzo ebalulekile ekuphileni

ECanada, omunye uFakazi wabingelela uMadeline lapho begibele ikheshe wabe esembonisa ipheshana lomkhankaso elithi, Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni? UMadeline wathi wayekade esevulandini wefulethi lakhe ebusuku ethandaza ngobuqotho kuNkulunkulu ecela ukuba amsize athole izimpendulo zayo le mibuzo. Esikhathini esidlule wayethintane namasonto amaningana ecela isifundo seBhayibheli, kodwa alikho nelilodwa elamsiza. Ngokushesha waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

Ukusiza labo abangajwayelene neBhayibheli

EPhilippines, uRowena wakhuluma nensizwa engumShayina ayayime phambi kwesitolo sokudlela. Wayinikeza ipheshana wabe esechaza ukuthi oFakazi BakaJehova bafuna ukusiza abantu bathole ulwazi lweBhayibheli mahhala.

Le nsizwa yathi yayingakaze ilibone nakulibona iBhayibheli. Ingxoxo eyalandela yashukumisela le nsizwa ukuba iye emhlanganweni omkhulu woFakazi BakaJehova. Ngemva kwalokho yathi ifuna ukwazi kabanzi ngeBhayibheli futhi izolidawuniloda engosini yethu.

Ukusiza abayizithulu

UGuillermo, uFakazi oyisithulu waseSpain, wahlangana noJorge, naye oyisithulu ababeke bafunda naye esikoleni. UJorge wathi wayesanda kushonelwa unina futhi wayenemibuzo eminingi nokungabaza. UGuillermo wamnikeza ipheshana lomkhankaso wabe esemchazela ukuthi angawathola kanjani ama-video olimi lwezandla kuyi-jw.org angamnikeza izimpendulo zemibuzo yakhe eminingi. UGuillermo wabe esemema uJorge ukuba eze emihlanganweni eHholo LoMbuso. Weza, futhi kusukela ngaleso sikhathi akakaze aphuthe emihlanganweni, nakuba ehlala endaweni eqhelelene nehholo ngamakhilomitha angu-60.

Ukusiza labo abahlala ezindaweni ezingafinyeleleki kalula

Amadoda amabili nomkawo baseGreenland bahamba amahora ayisithupha ngesikebhe esincane belibangise endaweni okuhlala kuyo abantu abangu-280, nakuba lolu hambo lwaba yizindleko ezinkulu. Lapho befika, bashumayela, banikeza abantu amapheshana futhi bababonisa i-video yolimi lwesiGreenland kuyi-jw.org. Baqala nesifundo seBhayibheli nendoda nomkayo ababathola kule ndawo. Manje sebesiqhuba kabili ngesonto lesi sifundo besebenzisa ucingo.

Imizamo enjengalena ayiphelelanga engxenyeni eseNyakatho. OFakazi baseNicaragua bahlela ukuhambisa ipheshana kubantu abakhuluma isiMayangna abahlala ehlathini elikhulu laseCaribbean. Ngemva kokuhamba amahora angu-20 bengami ndawo begibele umkhehlekhehle webhasi elalihamba emgwaqweni onezikhinsi, bahamba ngezinyawo amahora angu-11, ngezinye izikhathi bedavuza odakeni, ukuze bafike kule ndawo. Lapho befika, banikeza abantu amapheshana futhi bababonisa ama-video olimi lwesiMayangna, okuyinto eyazimangaza futhi yazijabulisa lezi zakhamuzi.

U-Estela wanikeza indoda ayayizidlulela edolobheni elincane elisehlathini lemvula lase-Amazon eBrazil. Le ndoda yalamukela leli pheshana, kodwa yalifaka ekhukhwini, ibonakala ingenandaba kangako nalo. Lapho seyibuyela ekhaya, injini yesikebhe sayo yafa futhi yazithola isihleli yodwa emfuleni. Njengoba yayisalinde usizo, le ndoda yafunda ipheshana. Isebenzisa umakhalekhukhwini wayo, yangena kuyi-jw.org, lapho yafunda khona izihloko eziningana, yadawuniloda nama-video. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, yahlangana nomyeni ka-Estela futhi yamcela ukuba ayibongele kuye ngepheshana. Yathi, “Izihloko engizifunde ngesikhathi ngilindile emfuleni zangisiza ngehlisa umoya kwaze kwafika isikebhe esasizongitakula. Abantwana bami bayawathanda ama-video kaKhwezi. Ngizoqhubeka ngingena engosini i-jw.org.”