INdikimba Ebusayo Ikhuthaza OFakazi ERussia Nase-Ukraine
“Sazizwa sithandwa ngendlela emangalisayo!” Yileyo ndlela asabela ngayo omunye wesifazane wase-Ukraine owayelalele incwadi ebalulekile eyayifundwa uStephen Lett weNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Wayengomunye woFakazi abangu-165000 ababelalele inkulumo kaMfowethu uLett ngesikhathi ehambele leliya zwe ngempelasonto ka-May 10 no-11, 2014.
Izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini kanye nencwadi eyafundwa kwahunyushelwa ezilimini ezinhlanu futhi kwafinyelela emaHholo oMbuso angaba ngu-700 kulo lonke elase-Ukraine, kusetshenziswa isimiso sokusakaza.
Ngayo leyo mpelasonto, uMark Sanderson, naye oyilungu leNdikimba Ebusayo, wafunda incwadi eyayiyingxenye yaleso simiso esasilungiselelwe abafowethu kulo lonke elaseRussia. Isimiso sahunyushelwa ezilimini ezingu-14, kanti abanye abangu-180413 basemabandleni aseBelarus naseRussia angaphezu kuka-2500 baxhunywa ngocingo.
Incwadi eyayivela eNdikimbeni Ebusayo, yayibhalelwe wonke amabandla aseRussia nase-Ukraine. UMfowethu uSanderson wayifunda ngolimi lwesiRussia, okwenza ihhovisi legatsha laseRussia labhala la mazwi: “Abafowethu nodadewethu bathinteka ngokujulile ukubona ukuthi iNdikimba Ebusayo iyabakhathalela kule ndawo. Sonke sazizwa sithandwa kakhulu yiNdikimba Ebusayo.”
Incwadi yayihloselwe ukududuza nokuqinisa oFakazi kule ndawo ebilokhu inezinxushunxushu zezombangazwe. Yakhuthaza abafowethu ukuba baqhubeke ‘bengeyona ingxenye yezwe’ ngokuhlale bengathathi hlangothi ezindabeni zezwe zezombangazwe.—Johane 17:16.
Ukuze bakwazi ukwenza lokhu, iNdikimba Ebusayo yakhuthaza oFakazi ukuba balondoloze ubuhlobo obuseduze noJehova ngokuthandaza, ukutadisha nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu. Izilaleli zakhunjuzwa ukuthi kungakhathaliseki ukuthi zibhekana naluphi uvivinyo, zingaqiniseka ngokuthi isithembiso sikaNkulunkulu esilotshwe ku-Isaya 54:17, ngeke singafezeki, esithi: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele.”
INdikimba Ebusayo yaphetha incwadi yayo ngamazwi athi: “Sinithanda kakhulu nonke ngothi lwenu. Sicela niqiniseke ngokuthi sihlale sicabanga ngani futhi sinithandazela kuJehova.”
Liphawula ngalokhu kuvakashelwa, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-Ukraine labhala: “Abafowethu bagajwa yinjabulo ngenxa yokukhathalela kothando nokunakwa abakuboniswa yiNdikimba Ebusayo. Ukuhanjelwa uMfoweth’ uLett kanye noSanderson e-Ukraine naseRussia ngempelasonto eyodwa kwaqokomisa ubunye babantu bakaNkulunkulu futhi kwabonisa abafowethu ukuthi uJehova noJesu babakhathalela kanjani. Sonke savumelana ngokuthi lesi kwakuyisikhathi esifanele ngempela sokuvakashelwa, futhi sizizwa siqinisiwe ukuba siqhubeke sikhonza uJehova naphezu kwanoma yibuphi ubunzima esingase sihlangabezane nabo.”