Ukukhumbula Umhlangano “Wakuwo Wonke Umhlaba”
Eminyakeni engu-50 edlule, oFakazi BakaJehova abangu-583 bathatha uhambo lwamasonto ayishumi olwaluya kuwo wonke umhlaba. Kodwa kwakungelona uhambo lokubona amazwe. Injongo yabo eyinhloko kwakuwuhlangana namaKristu ukuze bakheke eMihlanganweni ewuchungechunge yango-1963 eyayinesihloko esithi “Izindaba Ezinhle Zaphakade.” Ngenxa yokuthi izihambi zazithathe lolu hambo ukuze zihlangane noFakazi emazweni angaphezu kuka-20, le mihlangano yabizwa ngokuthi uMhlangano “Wakuwo Wonke Umhlaba.”
Inkulumo eyashis’ izikhotha emhlanganweni ngamunye yayinesihloko esithi “Lapho UNkulunkulu Eseyinkosi Phezu Komhlaba Wonke.” UNathan Knorr, ovela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova wabeka le nkulumo kweminingi yale mihlangano. Wachaza izimo zezwe eziwohlokayo waziqhathanisa nesithembiso esimangalisayo seBhayibheli sokubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni. Kuwo wonke umhlaba, inani lababekhona kule mihlangano lalingu-580509.
“Kuwo Wonke Umhlaba” Ngamasonto Ayishumi
Le mihlangano yaqala eMilwaukee, eWisconsin, e-U.S.A. Kusukela lapho, izihambi zalibangisa ngasempumalanga. Ngemva kokuthamela umhlangano eNew York, zaya eNgilandi, eSweden, eJalimane nase-Italy. Endaweni ngayinye zazithola amathuba okushumayela izindaba ezinhle eziseBhayibhelini.
Abantu abaningi bakulezo zindawo kwakubajabulisa ukuthi oFakazi bezile bezobavakashela emizini yabo. Omunye owesifazane osemusha eStockholm, eSweden, wathi: “Ukuvakashelwa yini ngiyohlale ngikukhumbula ukuphila kwami konke. . . . Ingabe nihambe lonke leli banga ukuze nizoxoxa nami ngokholo lwenu kuNkulunkulu? Kuyisibusiso ukuba nabantu abanjengani.”
Izihambi zadumala lapho zifika e-Athens, eGreece. Ngenxa yokucindezelwa abaholi benkolo, uhulumeni wenqaba ukuba kuqhutshwe umhlangano eNkundleni yasePanathinaikos. Noma kunjalo oFakazi abashisekayo abazange badikibale. Ngasekupheleni kuka-August, abantu abangaba ngu-10 000 bakwazi ukulalela isimiso somhlangano esaqhutshelwa emakhaya abazalwane nasemabandleni endawo.
Lapho zisuka e-Athens, izihambeli zomhlangano zaya eLebanon, eJordan, e-Israel naseCyprus. Amakholwa abakanye nawo azamukela ngemfudumalo futhi ngezinye izikhathi kwakwenzeka izinto ezihlekisayo. ENicosia, eCyprus, esinye isihambi saxoxa le ndaba emangazayo emayelana nesicathulo zaso: “Njalo lapho ngiphindela emzini engangifikele kuwo ngangifike ngikhumule izicathulo . . . , zazivele zinyamalale . . . , ziphinde zivele ngemva kwemizuzu emihlanu sezicwebezela!”
Engxenyeni yokugcina yalolu hambo izihambeli zaya e-Asia nasePacific. Zaya eNdiya, eBurma (manje eyiMyanmar), eThailand, eHong Kong, eSingapore, ePhilippines, e-Indonesia, e-Australia, eTaiwan, eJapane, eNew Zealand, eFiji naseKorea, zaba kanye nezinkulungwane zoFakazi bakulezo zindawo. Abantu abaningi bahlela izimiso zabo ukuze bethamele umhlangano, kodwa akekho owenza umzamo omkhulu njengombhangqwana osemusha waseYokosuka, eJapane, owawusathembisene umshado. Lapho indoda icela isikhathi sokuya emhlanganweni eKyoto kumqashi wayo, yatshelwa ukuthi abantu banikwa izinsuku uma beya emingcwabeni noma emishadweni kuphela. Njengoba wase uqalile ukwenza amalungiselelo omshado, lo mbhangqwana wahlela ukushada ngaphambi kwesikhathi owawusibekile. Iholide lawo langemva komshado walichitha emhlanganweni!
Uhambo lwase luya ngasemaphethelweni ekuqaleni kuka-September ngemihlangano eyayiseHawaii naseCalifornia, e-U.S.A. EPasadena, eCalifornia, okwakungumhlangano wokugcina, inani lababekhona laba ngaphezulu kakhulu kwalokho okwakulindelekile. Ngenxa yalokho, kwaba nesiminyaminya sezimoto emgwaqweni ngemva kwesimiso. Naphezu kwalokho, iphephandaba lendawo lacaphuna isikhulu samaphoyisa sithi lona “bekungumhlangano onabantu abaziphethe kahle kunayo yonke engike ngayibona.”
Izinzuzo Ezihlala Njalo
Izinzuzo zaleyo mihlangano zisabonakala namanje. Incwadi yeBhayibheli ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumulelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo” yakhululwa kulowo mhlangano futhi isasetshenziswa emihlanganweni yebandla yoFakazi BakaJehova.
Kwethulwa ingoma entsha emhlanganweni owawuseNew York. Yayibhalwe nguHarold King, uFakazi owakhululwa ejele laseShayina ngo-1963. Le ngoma yayinesihloko esithi “Endlini Ngendlu.” UHarold King waqamba le ngoma ngesikhathi evalelwe yedwa ejele futhi oFakazi BakaJehova basayicula.
Namuhla imihlangano yoFakazi BakaJehova ihluke kakhulu. Kusetshenziswa izindawo ezincane futhi nezithameli azibi ziningi kakhulu. Ukuba nezindawo eziningi zomhlangano kunciphisa ibanga elihanjwa izihambeli zomhlangano. Lezi kanye nezinye izinguquko zinikeza abantu abaningi ithuba lokulalelisisa isimiso. OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-7 nabantu abamenyiwe bethamela imihlangano yethu unyaka ngamunye. Ungathanda yini ukuhlanganyela nathi emihlanganweni elandelayo? Thola indawo yomhlangano endaweni eseduze nawe.