AmaBhayibheli Avela EJapane
Ukuze bahlangabezane nesidingo samaBhayibheli oqwembe oluqinile nawohlobo lwe-deluxe, oFakazi BakaJehova bafake umshini omusha wokuhlanganisa izincwadi esakhiweni sabo sokunyathelisa e-Ebina, eJapane.
Ekuqaleni babekhathazekile ngenxa yokuhamba kukagesi ngezikhathi ezithile okubangelwe ukuzamazama komhlaba ne-tsunami eyagadla eJapane ngomhla ka-11 March 2011.
Noma kunjalo, umsebenzi waqalwa ngo-September 2011. Zingakapheli izinyanga ezintathu umsebenzi uqaliwe, kwanyatheliswa ngalo mshini omusha amakhophi okuqala e-Nguqulo Yezwe Elisha yesiShayina.
Lo mshini ungamamitha angaba ngu-400 ubude. Njengoba amakhasi ehamba kuwo, ayahlanganiswa, afakwe isembozo, kuphume izincwadi, bese lezo zincwadi zipakishwa zifakwe emabhokisini, avalwe abekwe kuma-pallet.
Ukusebenzelana Okuhle Kuyazuzisa
Ukuhlela kahle nobunye kwaba nomthelela ekuphumeleleni kwalo msebenzi. Ngokwesibonelo, izingxenye zomshini kwadingeka zimbozwe, zifakwe kuma-container angu-34 bese zithunyelwa eJapane zisuka eYurophu.
Abazalwane abayishumi basehhovisi legatsha lase-United States baya eJapane beyosiza. Abanye bahlala izinyanga eziyisithupha, befundisa izisebenzi zaseJapane indlela yokusebenzisa lo mshini nokuwugcina usesimweni esihle.
Lo mshini omusha wazihlaba umxhwele izimboni zaseJapane ezinyathelisayo. Ngo-March 19, 2012, abantu abangaphezu kwekhulu bakulezo zimboni beza bezobona lo mshini. Babamba ongezansi!
Ngaphambi kokuba bahambe, ngamunye wabo wanikezwa INguqulo Yezwe Elisha enyatheliswa ngalo mshini omusha.
Igatsha laseJapane, njengelase-United States nelaseBrazil, nalo selinyathelisela oFakazi BakaJehova amaBhayibheli oqwembe oluqinile.
‘Kuzoba Nzima Ukuyosebenza Kwenye Indawo’
OFakazi nabantu bezinkampane zangaphandle ababesiza bakujabulela ukusebenza ndawonye. Isisebenzi esingeyena uFakazi sathi: “Ungafunga uthi siyazalana.”
Ngosuku lokugcina lomsebenzi, esinye isisebenzi esingeyena uFakazi sathi: “Kuzoba nzima kakhulu ukuyosebenza kwenye indawo ngoba ngeke kube mnandi njengokusebenza e-Watchtower!”