Dlulela kokuphakathi

Manje I-jw.org Isifundwa Ngezilimi Ezingaphezu Kuka-300!

Manje I-jw.org Isifundwa Ngezilimi Ezingaphezu Kuka-300!

Uma uchofoza ohlwini lwezilimi engosini ethi-jw.org, uzobona uhlu lwezilimi ezingaphezu kuka-300​—okuyinto engavamile kwezinye izingosi!

Ezinye izingosi ezidumile zinezilimi ezingaki? Cabanga ngalokhu: Ngo-July 2013, ingosi yase-United Nations yayitholakala ngezilimi eziyisithupha. Ingosi esemthethweni ye-European Union, i-Europa, yayifundwa ngezilimi ezingu-24. I-Google yayinezingu-71, iWikipedia yona inezingu-287.

Kuwumsebenzi othatha amahora amaningi ukuhumushela ingosi ezilimini ezingaphezu kuka-300! Omningi walo msebenzi wenziwa amakhulu oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke abafuna ukuletha udumo kuJehova. Abahumushi bolimi ngalunye basebenza emaqenjini ahlelwe kahle, basebenzise amakhono abo ukuze bahumushe besusela esiNgisini.

I-jw.org inamakhasi amaningi okwaziswa ahunyushelwa ezilimini ezingaphezu kuka-300, ngakho maningi kakhulu amakhasi akule ngosi—angaphezu kuka-200 000!

I-jw.org ayigcini nje kuphela ngokutholakala ngezilimi eziningi kodwa futhi iyathandwa kakhulu. La maqiniso avezwa ukuhlaziywa kwezingosi okwenziwa i-Alexa, inkampane ehlola izinga okusetshenziswa ngalo i-Internet emhlabeni wonke. Uhlu lwayo oluthi “Religion and Spirituality” lunezingosi ezingu-87 000, kuhlanganise nezamasonto amakhulu omhlaba, ezabanyathelisi bawo nezinye izinhlangano ezithi azifane nawo. Kulolo hlu, ngo-July 2013, i-jw.org yaba ngeyesibili! Eyokuqala kwaba ingosi yezinguqulo ezihlukahlukene zeBhayibheli.

Ngo-October 2013, i-jw.org yayivulwa abantu abangaphezu kuka-890 000 ngosuku. Sizoqhubeka sinikeza ukwaziswa okuwusizo okuseBhayibhelini mahhala okuyotholwa abantu kuyo yonke indawo.