IBhayibheli Elingamamitha Angu-1,8
Ngaphambi kokuba u-ode iBhayibheli le-Braille koFakazi BakaJehova, qiniseka ukuthi unayo indawo yokuligcina. INguqulo Yezwe Elisha ephelele—etholakala nge-Braille yesiNgisi, iSpanishi nesiNtaliyane—inemiqulu engu-18 kuya ku-28 futhi kudingeka okungenani ube neshalofu elinesikhala esingamamitha amabili ozolibeka kulo!
Amanye awayidingi indawo enkulu kangako. Imishini ebhala nge-Braille isiza abayizimpumputhe ukuba babhale futhi bathole ukwaziswa okugcinwe kuyi-computer ngomshini omncane onezinkinobho eziphakamayo ziphinde zehle ezikhipha izinhlamvu ze-Braille. Abayizimpumputhe bangakwazi ukuthola futhi balalele izincwadi eziqoshiwe ngomshini ofunda ngokuzwakalayo izinto ezibhaliwe.
Ngaphezu kwalokho, oFakazi benze uhlelo lwe-computer olukwazi ukuguqulela amagama kuyi-Braille yezilimi ezihlukahlukene. Ngemva kokuhlela kahle amagama avamile nezinhlamvu ze-Braille, uhlelo lwe-computer luguqula okubhaliwe kube i-Braille. Luhlela nencwadi ngendlela ezokwenza umuntu ongaboni ayifunde kalula. Lo mshini uzokwenza ukuba kunyatheliswe izincwadi ze-Braille, kuhlanganise neBhayibheli le-Braille, ngazo zonke izilimi ezinezinhlamvu ze-Braille, kuhlanganise nalezo ezingasebenzisi izinhlamvu ezivamile.
Sekudlule iminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi benyathelisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini zabayizimpumputhe futhi manje sezitholakala ngezilimi ezingu-19. Nakuba abayizimpumputhe abanesithakazelo bengathola lezi zincwadi ngaphandle kwenkokhiso, abaningi banikela ngokuzithandela.
Ngaphambili, lapho kukhululwa incwadi entsha emhlanganweni woFakazi BakaJehova, izethameli zazitshelwa ukuthi izincwadi ze-Braille zinga-odwa kamuva. Ngonyaka odlule, ihhovisi legatsha lase-United States lenza inhlolovo emabandleni ukuze lithole ukuthi abayizimpumputhe bahlele ukuya kumuphi umhlangano nokuthi basebenzisani lapho befunda (incwadi enezinhlamvu ezisephepheni, umshini obhala nge-Braille noma umshini ofunda ngokuzwakalayo izinto ezibhaliwe).
Kwathunyelwa amakhophi ezincwadi ze-Braille emihlanganweni ababezoya kuyo, okwenza bakwazi ukuthola izincwadi ezintsha kanyekanye nabo bonke abantu. Izincwadi ezifundwa ngemishini zathunyelwa kumuntu ngamunye ngemva kwesonto elilodwa kuphele umhlangano.
UFakazi oyimpumputhe wathi: “Kuyilungelo elimangalisayo ukuthola izincwadi kanyekanye nabo bonke abantu. IHubo 37:4 lithi uJehova uyosinika izicelo zenhliziyo yethu. Ukwenzile lokho kule mpelasonto!” Omunye waqala ukukhala wathi: “Bebecabanga ngami. Ngiyambonga uJehova ngokusinakekela kahle kangaka.”