Dlulela kokuphakathi

“Yihlomele Ngokuphelele Yonke Imisebenzi Emihle”!

Ukukhululwa KweBhayibheli INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele Ebukeziwe

“Yihlomele Ngokuphelele Yonke Imisebenzi Emihle”!

Ngomhla ka-28 Juni, 2020, bangaphezu kuka-30 000 abamemezeli abakhuluma isiZulu kanye nabanye abakhuluma ezinye izilimi, abajabula lapho umfoweth’ uGeoffrey W. Jackson, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, ekhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebukeziwe ngolimi lwesiZulu.

OFakazi BakaJehova abakhuluma isiZulu bathola INguqulo Yezwe Elisha ephelele ngolimi lwabo okokuqala ngo-2002. * Sekunyatheliswe amakhophi angaphezu kuka-300 000 e-Nguqulo Yezwe Elisha ngesiZulu futhi aye asetshenziswa oFakazi BakaJehova abakhuluma isiZulu abangaphezu kuka-30 000 emhlabeni wonke. Kungani leli Bhayibheli libukeziwe? Obani abalenzile? Ungaqiniseka kanjani ukuthi leli Bhayibheli elibukeziwe linembile? Yiziphi izinto ezikuleli Bhayibheli ezizokusiza ‘ufaneleke ngokugcwele, uyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle’?—2 Thimothewu 3:16, 17.

Kungani kwadingeka ukuba kubukezwe indlela leli Bhayibheli elihunyushwe ngayo?

Njengoba ulimi lushintsha ngokuhamba kweminyaka, lokho kuphakamisa isidingo sokubukeza indlela amaBhayibheli ahunyushwe ngayo ukuze lokho okushiwoyo kuhlale kuqondakala. IBhayibheli elisebenzisa ulimi lwakudala ngeke libasize abantu abaningi.

Ekuqaleni, uJehova uNkulunkulu wenza ukuba incwadi ngayinye yeBhayibheli ibhalwe ngolimi olwalusetshenziswa abantu abaningi, ulimi abantu ababeluqonda. Ilingisa lesi sibonelo, iKomiti YeBhayibheli LeNguqulo Yezwe Elisha yakhulula uhlelo lwesiNgisi lwe-Nguqulo Yezwe Elisha ngo-Okthoba 2013. Isandulela esikuleyo nguqulo sithi: “Umgomo wethu bekuwukukhiqiza inguqulo engagcini nje ngokwethembeka emibhalweni yolimi lokuqala kodwa futhi ecacile nefundeka kalula.”

INguqulo Yezwe Elisha yokuqala yesiZulu yayihunyushwe isuselwa enguqulweni yesiNgisi ka-1984 i-New World Translation of the Holy Scriptures​—With References. IBhayibheli lesiZulu elibukeziwe linoshintsho oluningi olutholakala enguqulweni yamuva yesiNgisi, liphinde lithuthukise ulimi lwesiZulu olusetshenzisiwe ukuze leli Bhayibheli lifundeke kalula.

Ngaphezu kwalokho, kusukela ngesikhathi okwakhululwa ngaso INguqulo Yezwe Elisha yokuqala yesiNgisi kuze kube manje, ithuthuke kakhulu indlela okuqondwa ngayo isiHebheru, isi-Aramu nesiGreki—okuyizilimi iBhayibheli elabhalwa ngazo ekuqaleni. Kuye kwatholakala imibhalo yesandla yeBhayibheli eyayingekho ngesikhathi kukhishwa INguqulo Yezwe Elisha okokuqala; le mibhalo yesandla isiza abahumushi beBhayibheli bakwazi ukubona ukuthi amazwi okuqala ayeseBhayibhelini ayefundeka kanjani ngokunembile.

Ngenxa yalokho, amanye amagama alungisiwe ukuze aveze lokho abacwaningi abaningi abakwamukela njengokuwaveza ngokunembile amazwi okuqala ayeseBhayibhelini. Ngokwesibonelo, ngokweminye imibhalo yesandla, uMathewu 7:​13 ufundeka kanje: “Ngenani ngesango elincane, ngoba likhulu isango futhi uvulekile umgwaqo oholela ekubhujisweni.” Ezinguqulweni zangaphambili ze-Nguqulo Yezwe Elisha, inkulumo ethi “likhulu isango” yayingafakiwe. Nokho, ucwaningo olwengeziwe olwenziwe emibhalweni yesandla lwenze kwafinyelelwa isiphetho sokuthi le nkulumo ethi “likhulu isango” yayikhona embhalweni wokuqala weBhayibheli. Ngakho le nkulumo ifakiwe kule nguqulo ebukeziwe. Kunolunye ushintsho oluningi olunjengalolu. Kodwa lolo shintsho alulukhulu, kanti futhi aluwuguquli umyalezo weZwi likaNkulunkulu.

Ucwaningo olwengeziwe lwembule nezinye izindawo eziyisithupha igama likaNkulunkulu elithi Jehova, okufanele livele kuzo eBhayibhelini. Lezi zindawo AbaHluleli 19:18 kanye neyoku-1 Samuweli 2:25; 6:3; 10:26; 23:14, 16. Ngakho, manje kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe igama likaNkulunkulu elithi Jehova, livela izikhathi ezingu-7 216, okuhlanganisa izikhathi ezingu-237 elivela kuzo emiBhalweni YamaKristu YesiGreki.

Obani abashicileli bale nguqulo?

INguqulo Yezwe Elisha yenziwa yiWatch Tower Bible and Tract Society, inhlangano esemthethweni emelela oFakazi BakaJehova. Sekuphele iminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi BakaJehova besakaza amaBhayibheli emhlabeni jikelele. Inguqulo yokuqala yesiNgisi yakhishwa yiKomiti YeBhayibheli LeNguqulo Yezwe Elisha kusukela ngo-1950 kuya ku-1960. Njengoba amalungu ale komiti engazifuneli udumo, acela ukuba amagama awo agcinwe eyimfihlo ngisho noma eseshonile.—1 Korinte 10:31.

Ngonyaka ka-2008, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yaphinde yakhetha abanye abazalwane ukuba babe seKomitini YeBhayibheli LeNguqulo Yezwe Elisha. Ngokushesha le komiti yaqala umsebenzi wokubukeza inguqulo yesiNgisi, icabanga nangoshintsho olukhulu oselwenzekile olimini lwesiNgisi kusukela esikhathini okwakhululwa ngaso inguqulo yokuqala. Yaphinde yabheka nezimpendulo ezingaphezu kuka-70 000 ezazinikezwe abahumushi lapho behumushela iNguqulo Yezwe Elisha ezilimini ezingaphezu kuka-120.

Yenziwa kanjani inguqulo ebukeziwe yesiZulu

Kwaqale kwakhethwa inani elithile lamaKristu azinikezele ukuba akhe iqembu labahumushi. Okwenzekile emlandweni kufakazela ukuthi lapho abahumushi besebenza ndawonye njengeqembu kunokuba basebenze ngabodwa, bakwazi ukukhiqiza umsebenzi ongcono kakhulu. (IzAga 11:14) Ngokuvamile, kulaba abakhethwayo, ilungu ngalinye lisuke selichithe isikhathi eside lihumusha izincwadi zoFakazi BakaJehova. Leli qembu labe selithola ukuqeqeshwa okubanzi mayelana nezindlela zokuhumusha iBhayibheli nokusebenzisa izinhlelo zekhompyutha ezakhelwe lo msebenzi.

Abahumushi basebenzisa indlela yokuhumusha iBhayibheli eyabenza bakwazi ukusebenzisa ubuchwepheshe bamakhompyutha lapho besebenza ngamagama. UMnyango Wezinkonzo Zokuhumusha, oseNew York, e-U.S.A., yiwona owasiza abahumushi. INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova iqondisa umsebenzi wokuhumusha iBhayibheli isebenzisa iKomiti Yokubhala. Wenziwa kanjani-ke kodwa lo msebenzi?

Abahumushi bafundiswa ukuba bakhiphe iBhayibheli (1) elinembile kodwa abantu abazoliqonda kalula, (2) elingawushintshashintshi umqondo (3) nelibeka amagama ngokwezwi nezwi uma ulimi lwabo luvuma. Kufinyelelwa kanjani lokho? Cabanga ngaleli Bhayibheli elisanda kukhululwa? Abahumushi baqala lo msebenzi ngokubheka amagama esiZulu ayesetshenziswe enguqulweni yangaphambili. Uhlelo lwekhompyutha olubizwa ngokuthi iWatchtower Translation System lube seluveza amagama aseBhayibhelini ahlobene nanomqondo ofanayo. Luveza namagama okuqala esiGreki nawesiHebheru ukuze abahumushi babone ukuthi lawo magama ahunyushwe kanjani kwezinye izindawo avela kuzo. Konke lokhu kuwusizo lapho kubhekwa ukuthi yimaphi amagama esiZulu angase asetshenziswe. Ngaphandle kokuhlola amagama, abahumushi bazama nokusebenzisa amagama esiZulu ajwayelekile, alula naqondakala kalula njengoba behumusha ivesi ngalinye.

Kuyacaca-ke ukuthi ukuhumusha akusho nje ukuthatha amagama athile uwafake esikhundleni samanye amagama. Mkhulu umsebenzi owenziwayo ukuze kuqinisekwe ukuthi amagama esiZulu anomqondo onembile evesini ngalinye. Ukuthi mkhulu umsebenzi owenziwe kule nguqulo, kuyazibonakalela nje. Kule Nguqulo Yezwe Elisha yesiZulu, iZwi likaNkulunkulu lihunyushwe ngendlela evumelana nemibhalo yasendulo, nangendlela ecacile nefundeka kalula.

Sikukhuthaza ukuba uyifunde le Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Ungayifunda kuyikhompyutha noma ku-JW Library app, noma ungazitholela ikhophi ebandleni loFakazi BakaJehova. Ungayifunda ngokuqiniseka, wazi ukuthi okushiwo uNkulunkulu kuhunyushelwe olimini lwakho ngendlela enembile.

Okutholakala kule Nguqulo Yezwe Elisha ebukeziwe

ISethulo SeZwi LikaNkulunkulu: Sinamavesi eBhayibheli aphendula imibuzo engu-20 emayelana nezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo

Uhlu Lokuphakathi: Lusekuqaleni kwencwadi ngayinye futhi lunikeza abazwibela aleyo ncwadi ukuze usizakale usheshe uyithole indaba oyifunayo eBhayibhelini. Luthatha indawo yezihloko ebeziphezulu ekhasini ngalinye enguqulweni yangaphambili

Izikhombo Eziphakathi Nendawo Emakhasini: Manje sekufakwe lezo eziwusizo kakhulu enkonzweni

Imibhalo Yaphansi: Inikeza ezinye izindlela zokuhumusha, okuhunyushwe ngokwezwi nezwi nemininingwane emayelana naleyo ndaba

Izikhombo Zamagama AseBhayibhelini: Manje sekunamagama namavesi awusizo kakhulu lapho sishumayela futhi sifundisa

UHlu Lwezincazelo Zamagama AseBhayibhelini: Luchaza kafushane amagama amaningi asetshenziswe eBhayibhelini

Isithasiselo A: Sichaza izinto ezithile ezikule nguqulo entsha, njengendlela ebhalwe ngayo, amagama ashintshiwe nendlela okuhunyushwe ngayo igama likaNkulunkulu

Isithasiselo B: Sinezingxenye ezingu-15 ezinamabalazwe namashadi anemibala egqamile

^ par. 4 Inguqulo yesiZulu yemiBhalo YamaKristu YesiGreki yakhululwa ngo-1994.