Dlulela kokuphakathi

Ukwenza INqabayokulinda Ibe Lula

Ukwenza INqabayokulinda Ibe Lula

Kusukela ngo-July 2011 kuye kwanyatheliswa INqabayokulinda eyenziwe lula ngesiNgisi isikhathi esingangonyaka, kuhlolwa ukuthi izosebenza kanjani. Manje isikhathi sokuhlola siphelile futhi isinqumo esithathiwe siwukuba lo magazini owenziwe lula uqhubeke unyatheliswa.

Kusukela ngo-January 2013 kuqhubeke, INqabayokulinda eyenziwe lula izonyatheliswa nangesiFulentshi, ngesiPutukezi nangeSpanishi.

Umagazini owenziwe lula wenzelwa ukusiza abantu abahlanganyela emabandleni esiNgisi kodwa abangasincelanga ebeleni.

Kusukela kumagazini wokuqala, izincwadi zokubonga bezilokhu zitheleka. Enye yathunyelwa uRebecca oneminyaka engu-64, ohlala eLiberia ongakaze alubhade esikoleni. Wabhala: “Ngisafunda ukufunda. Ngezinye izikhathi ngangiye ngifunde INqabayokulinda kodwa ngingezwa lutho. Ngiyawuthanda lona owenziwe lula. Ngiwuzwa kahle.”

Abazali abaningi basebenzisa umagazini owenziwe lula ukuze basize izingane zabo zilungiselele iSifundo Se-Nqabayokulinda, omunye wemihlangano yoFakazi BakaJehova.

URosemary, onabazukulu abathathu, uyabhala: “Ukutadisha INqabayokulinda namantombazane bekulokhu kuyinselele. Bekudingeka sisebenzise isichazamazwi ukuze sithole incazelo yamagama amaningi. Sasichitha isikhathi esiningi sizama ukuqonda amagama akwezinye izihloko okwakwenza izingane zingalitholi iphuzu. Manje isikhathi sethu sisichitha ekufundeni imiBhalo sizame nokubona ukuthi ihlobana kanjani nesifundo.”

Nasi isibonelo esibonisa umehluko phakathi kwe-Nqabayokulinda evamile neyenziwe lula. Lapho ichaza umhlangano wabaphostoli bakaKristu osencwadini yezEnzo isahluko 15, INqabayokulinda evamile ithi ngesiNgisi: “What followed was, not a mind-numbing theological debate over dry technicalities, but a lively doctrinal discussion.” INqabayokulinda eyenziwe lula yona ithi ngesiNgisi: “Their meeting was, not a boring religious argument about unimportant details, but an exciting discussion about Bible teachings.