Dlulela kokuphakathi

INqabayokulinda—Awukho Umagazini Ofana Nalo

INqabayokulinda—Awukho Umagazini Ofana Nalo

INqabayokulinda inyatheliswa kakhulu ukwedlula bonke abanye omagazini emhlabeni. Kunyatheliswa amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-42 omagazini wenyanga ngayinye. I-Phaphama! ingeyesibili ngamakhophi ayizigidi ezingu-41 inyanga ngayinye. Bobabili lab’omagazini banyatheliswa oFakazi BakaJehova futhi basakazwa emazweni angu-236.

Kubahambela kanjani abanye omagazini? Ngokwe-Association of Magazine Media, umagazini othengwayo ohamba phambili unyatheliswa yi-AARP [American Association of Retired Persons], inhlangano ebhalela abantu abaneminyaka engaphezu kuka-50 ubudala. Kunyatheliswa amakhophi alo magazini angaphezu kwezigidi ezingu-22,4. Amakhophi e-ADAC Motorwelt yaseJalimane anyatheliswayo acishe abe yizigidi ezingu-14, bese kunyatheliswa amakhophi ayizigidi ezingu-5,4 ze-Gushi Hui (izindaba) yaseShayina.

Emaphephandabeni, i-Yomiuri Shimbun yaseJapane iyona enyatheliswa kakhulu kunawo wonke. Kunyatheliswa amakhophi angaphezu kwezigidi eziyishumi ayo.

Izincwadi zoFakazi ziphinde zihambe phambili ekuhunyushweni kwazo. INqabayokulinda ihunyushwa ngezilimi ezingaphezu kuka-190 bese kuthi i-Phaphama! ihunyushwe ngezingaphezu kuka-80. Lapho kuqhathaniswa, i-Reader’s Digest inyatheliswa ngezilimi ezingu-21, nakuba okuphakathi kuhluka ngokwamazwe.

Ngokungafani nabanye omagazini okukhulunywe ngabo lapha, INqabayokulinda ne-Phaphama! zisekelwa ngeminikelo yokuzithandela, ayikhangiswa futhi ayidayiswa.

Injongo ye-Nqabayokulinda ukuchaza izimfundiso zeBhayibheli​—ikakhulukazi lokho imiBhalo ekushoyo ngoMbuso kaNkulunkulu. Ibilokhu inyatheliswa kusukela ngo-1879. I-Phaphama! ikhuluma ngezihloko ezivamile, njengendalo nesayensi ukuze yakhe ukholo kuMdali. Iphinde igcizelele indlela iBhayibheli elingaba inzuzo ngayo ekuphileni kwethu.