Dlulela kokuphakathi

Ukusiza Abafundi Bethu Bakubone Lokho Abafunda Ngakho

Ukusiza Abafundi Bethu Bakubone Lokho Abafunda Ngakho

Izincwadi eziningi zoFakazi BakaJehova zinezithombe ezinemibalabala ecacisa lokho okubhaliwe, kodwa kwakungenjalo ngaphambili. Umagazini wokuqala we-Zion’s Watch Tower, owanyatheliswa ngo-1879, wawungenazithombe. Kwaphela amashumi eminyaka izincwadi zethu zinokwaziswa okuningi, kuthi ngesinye isikhathi kufakwe umdwebo noma isithombe esingenamibala.

Manje izincwadi zethu eziningi sezigcwele izithombe. Abadwebi bethu nabathwebuli bezithombe benza omkhulu umsebenzi wemidwebo nezithombe eziningi ozibona ezincwadini zethu nakule ngosi. Kuyasiza ukucwaninga ngokucophelela nangokungashwampuluzi lapho kwenziwa izithombe ezifundisa amaqiniso angokomlando naseBhayibhelini.

Ngokwesibonelo, bheka isithombe esilapha kulesi sihloko, esaqale savela esahlukweni 19 sencwadi ethi ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu. KuseKorinte lapha. Njengoba kuchazwe esahlukweni 18 sencwadi yeBhayibheli yezEnzo, umphostoli uPawulu uphambi kwe-bema, noma isihlalo sokwahlulela. Abacwaningi banikeza umdwebi ukwaziswa ngemivubukulo ephathelene nokuthi zazikuphi izakhiwo zemabula okungenzeka uPawulu wavela kuzo phambi kukaGaliyu nokuthi yayinjani imibala yazo. Baphinde bamnikeza ukwaziswa ngezingubo zaseRoma zangekhulu lokuqala ukuze umphathi-sifundazwe uGaliyu, omaphakathi nesithombe, avezwe egqoke izingubo zasebukhosini. Ugqoke ingubo ende enomthende obanzi onsomi nezicathulo ezibizwa ngokuthi ama-calcei. Abacwaningi baphawule ukuthi lapho emi kuyi-bema, kumelwe ukuba uGaliyu wayeyokuma abheke enyakatho-ntshonalanga. Ngakho umdwebi wayenawo umbono wokuthi ukukhanya kufanele kube njani kulesi sithombe.

Zihlelwa Kahle Futhi Ziwusizo

Sigcina uhlu lwezithombe njengobufakazi bocwaningo olwenziwe nangenjongo yokuba ziphinde zisetshenziswe. Sekuphele iminyaka eminingi sigcina imidwebo ezimvilophini ezinkulu bese ihlelwa ngokwezincwadi evela kuzo. Izithombe ezithwetshuliwe zazihlelwa ngokwezindaba ezivela kuzo. Njengoba lezi zimvilophi zazigcwala, ngakho ukuthola isithombe noma ukuphinde sisetshenziswe kwahamba kwahamba kwaba nzima.

Ngo-1991, sasungula isimiso sokuthola kalula izithombe esaba impendulo yemithandazo yethu. Lesi simiso, esibizwa ngokuthi i-Image Services System, sesinezithombe ezingaphezu kuka-440 000. Ngaphezu kwezithombe esezike zavela ezincwadini zethu, kugcinwa nenqwaba yezinye izithombe ezisazosetshenziswa ezincwadini ezisazonyatheliswa.

Ukwaziswa okuningi kuyagcinwa—okuhlanganisa ukuthi isithombe ngasinye sasetshenziswa nini futhi kuphi, amagama abantu ngabanye abavela ezithombeni nenkathi evezwa isithombe. Ukukwazi ukuthola izithombe ezifanelekayo ngokushesha kuwusizo lapho kulungiselelwa izincwadi ezintsha.

Ngezinye izikhathi sifuna ilayisense yokusebenzisa izithombe zendaba ethile ngokukhethekile emithonjeni yabezentengiselwano. Ngokwesibonelo, uma sidinga ukusebenzisa isithombe seziyingi ezizungeze iplanethi iSaturn kuyi-Phaphama!, labo abasisiza ngalokho bafuna isithombe esifanelekayo bese bethintana nomnikazi waso bacele imvume yokusisebenzisa. Beqaphela umsebenzi wethu womhlaba wonke wokufundisa ngeBhayibheli, abanye basinikeza imvume mahhala. Abanye bayasikhokhisa noma bacele ukuba sibhale ukuthi leso sithombe sivelaphi. Lapho konke sekulungile, isithombe sifakwa encwadini bese siyagcinwa.

Namuhla ingxenye enkulu yezinye izincwadi zethu iba izithombe. Ngokwesibonelo, kule ngosi kukhona Izindaba ZeBhayibheli Ezilandiswa Ngezithombe; kukhona nezincwajana ezinemibalabala ezikule ngosi nezinyathelisiwe, njengethi Lalela UNkulunkulu, ezifundisa izifundo ezibalulekile ngamazwi ambalwa. Lezi zincwadi, nazo zonke ezinye ezinyathelisiwe nezivela engosini zikhuluma ngeBhayibheli.