Ukunqoba Ubandlululo
OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi zonke izinhlanga ziyalingana emehlweni kaNkulunkulu. (IzEnzo 10:34, 35) Ngemfundo yeBhayibheli, sizama ukusiza abantu ukuba banqobe ngisho ubandlululo asebenesikhathi eside benalo.
Ngaphezu kwalokho, asisekeli nhlangano egqugquzelwa inzondo ngohlanga oluthile noma ubuzwe. Ngokwesibonelo, phakathi nenkathi yamaNazi, oFakazi BakaJehova eJalimane nakwezinye izindawo benqaba ukusekela umkhankaso kaHitler wenzondo. Abaningi babulawa ngenxa yokwenqaba.
Ngokufanayo, oFakazi abazange bakhuthaze amalungu abo ukuba ahlanganyele ekuqothulweni kohlanga kwaseRwanda ngo-1994. Eqinisweni, abanye babeka ukuphila kwabo engozini futhi abanye babulawa ngoba bevikele labo ababethungathwa futhi bebulawa.
Ngenxa yokuthi sifisa ukusiza bonke abantu, sikhiqiza izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaba ngu-600 sizinikeze abantu. Ngenxa yalokho, amabandla ethu anabantu ‘abaphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.’—IsAmbulo 7:9.