Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova Bafundisa Abazali Nezingane Ukuba Bazivikele Kwabanukubeza Ngokocansi

OFakazi BakaJehova Bafundisa Abazali Nezingane Ukuba Bazivikele Kwabanukubeza Ngokocansi

IBhayibheli liyala abazali ukuba bathande izingane zabo, baziqondise, bazivikele futhi bazibheke njengesipho esivela kuNkulunkulu. (IHubo 127:3; IzAga 1:8; Efesu 6:1-4) Enye yezingozi abazali okumelwe bavikele izingane zabo kuyo ukuhlukunyezwa ngokocansi.

Sekungamashumi eminyaka oFakazi BakaJehova benyathelisa futhi besakaza izincwadi eziqukethe ulwazi oluthuthukusa ubuhlobo obuhle emindenini. Baye bakhiqiza nezinye izinto ezisiza abazali ukuba bavikele izingane zabo ekuhlukunyezweni ngokocansi nasekuzifundiseni ngabantu abanukubeza ngokocansi. Uhlu olulandelayo lubonisa ezinye zezinto eziye zanyatheliswa oFakazi BakaJehova ezinikeza isiqondiso esicacile ngalezi zindaba. Phawula inani lamakhophi nezilimi lezi zihloko eziye zanyatheliswa ngalo. a

  • Isihloko: Ukuhlangana Ngobulili Nesihlobo—Ubugebengu Obufihlekile

    • Incwadi: Umagazini i-Phaphama! Ka-August 8, 1981

    • Inani lamakhophi: 7800000

    • Inani lezilimi: 34

  • Isihloko: Usizo Kwabayizisulu Zokuhlaselwa Izihlobo Ngokobulili

    • Incwadi: Umagazini INqabayokulinda Ka-April 1, 1984

    • Inani lamakhophi: 10050000

    • Inani lezilimi: 102

  • Izihloko: Child Molesting—Every Mother’s Nightmare; Child Molesting—‘Who Would Do a Thing Like That?’; Child Molesting—You Can Protect Your Child

    • Incwadi: Umagazini i-Phaphama! yesiNgisi Ka-January 22, 1985

    • Inani lamakhophi: 9800000

    • Inani lezilimi: 54

  • Izihloko: Izisulu Ezingazi Lutho Zokuxhashazwa Kwabantwana; Amanxeba Afihlekile Okuxhashazwa Kwabantwana

    • Izincwadi: Umagazini i-Phaphama! Ka-October 8, 1991

    • Inani lamakhophi: 12980000

    • Inani lezilimi: 64

  • Izihloko: Umntwana Wakho Usengozini!; Singabavikela Kanjani Abantwana Bethu?; Ukukuvimbela Ekhaya

    • Incwadi: Umagazini i-Phaphama! Ka-October 8, 1993

    • Inani lamakhophi: 13240000

    • Inani lezilimi: 67

  • Isihloko: Protect Your Children

    • Incwadi: I-video Nombolo 4 Yesaziso Senkonzo Yomphakathi, eyakhishwa ngo-2002, ngesiNgisi

    • Inani lezilimi: 2

  • Isihloko: Indlela UJesu Avikelwa Ngayo

    • Incwadi: Isahluko 32 sencwadi ethi Funda Kumfundisi Omkhulu, eyanyatheliswa ngo-2003

    • Inani lamakhophi: 39746022

    • Inani lezilimi: 141

  • Izihloko: Ingozi Ekhathaza Bonke Abazali; Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho; Yenza Umkhaya Wakho Ube Isiphephelo

    • Incwadi: Umagazini i-Phaphama! Ka-October 2007

    • Inani lamakhophi: 34267000

    • Inani lezilimi: 81

  • Izihloko: Ngingazivikela Kanjani Kubanukubezi?; Imibuzo Ebuzwa Abazali: Kufanele yini ngikhulume nezingane zami ngobulili?

  • Isihloko: Abazali Bangazifundisa Kanjani Izingane Zabo Ngocansi?

    • Incwadi: ingosi ethi jw.org/zu; isihloko esaphuma ngo-September 5, 2013

    • Inani lezilimi: 64

OFakazi BakaJehova bazoqhubeka befundisa abazali nezingane zabo ukuze bagweme umonakalo odalwa yilabo abahlukumeza abanye ngokocansi.

a Izinsuku ezibonisiwe okwakhishwa ngazo lezi zihloko, ngokuyinhloko sisekelwe ezincwadini zesiZulu.