Ukusiza Iziboshwa
Usuku nosuku, iziboshwa ezisemajele ase-United States zibhalela emahhovisi oFakazi BakaJehova zicela usizo olungokomoya.
Siyaziphendula lezi zincwadi, sihlele ukuba abathile emabandleni aseduze bavakashele futhi bafunde iBhayibheli nabasemajele, ezibhedlela zikahulumeni, ezikoleni zokuqondisa izigwegwe nasezindaweni zalabo abayimilutha yezidakamizwa.
Kwamanye amajele, oFakazi baqhuba imihlangano yebandla njalo. Ngokwesibonelo, kwelinye ijele, kwaba khona abangu-32 enkulumweni yeningi eyanikezwa emagcekeni amabili ejele.
Kube nemiphumela ekhuthazayo. Umlisa mumbe owaboshwa e-Indiana, owayenikezwe isigwebo sokudilikelwa ijele ngenxa yokubulala, wabushintsha ubuntu bakhe futhi wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
Ngokuqondene nomunye owayeboshelwe ejele elikhulukazi laseCalifornia, uFakazi owayemfundela uthi: “Ngazi kahle ukuthi wayenjani ngaphambili, ngiyayazi nentuthuko ayenzile. Izinguquko azenzile ukuze afanelekele ukubhapathizwa zinkulu kakhulu.”
Iziboshwa eziningi ziye zalamukela iqiniso leBhayibheli, ngisho noma zazi ukuthi ukuphila kwazo kungaba sengozini ngenxa yalokho. Ngokwesibonelo, abanye balabo abagqashule emaqenjini ezigilamkhuba kwadingeka bahlaliswe bodwa noma bayiswe kwelinye ijele ukuze baphephe.
Amandla eBhayibheli aguqula ukuphila ayamangaza kangangokuthi izikhulu zasejele aziwuvali umlomo. Ezinye ziye zanika oFakazi izitifiketi zokubonga kanye nezindondo zokuvolontiya ezingokomthetho ngenxa yomsebenzi wabo omuhle abawenza emajele.