Dlulela kokuphakathi

Bacela Umsebenzi Hhayi Inkokhelo

Bacela Umsebenzi Hhayi Inkokhelo

Kule minyaka engu-28 edlule, oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-11 000 bashiye imizi yabo namazwe abavela kuwo ukuze bakhe izakhiwo emazweni angu-120. Bonke baye banikela ngamakhono nangamandla abo isikhathi esigcwele ngaphandle kwenkokhelo, futhi bayakujabulela ukwenza kanjalo.

Abaningi baye bazikhokhela izindleko zabo ukuze baye lapho kwakhiwa khona. Abanye banikele ngesikhathi sabo samaholidi ukuze basebenze. Abanye bathathe isikhathi sokuphumula emsebenzini wabo ovamile, ngaleyo ndlela badela iholo elibhekile.

Akukho muntu obacindezele ukuba bazidele ngale ndlela, kodwa bazinikela ngokuzithandela ukuze bathuthukise umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14) Sebakhé amahhovisi, izindawo zokuhlala nezakhiwo ezisetshenziselwa ukunyathelisa amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. OFakazi BakaJehova baye bakha namaHholo OMhlangano anezihlalo ezingaba ngu-10 000 kanye namaHholo OMbuso anezihlalo ezingafika ku-300.

Lo msebenzi wokwakha usaqhubekela phambili. Lapho lezi zisebenzi zifika endaweni okuzosetshenzwa kuyo, ihhovisi legatsha lakuleyo ndawo lizinika izindawo zokuhlala, ukudla, ilungiselelo lokuwasha izingubo zazo kanye nezinye izidingo zazo zansuku zonke. OFakazi bakuleyo ndawo nabo baba nengxenye kulo msebenzi ojabulisayo wokwakha.

Ukuze kuhlelwe futhi kuqondiswe lo msebenzi omkhulu kangaka, ngo-1985 kwasungulwa uhlelo lwamazwe ngamazwe lokwakha. Ukuze zihlanganyele kulo msebenzi, izisebenzi zokuzithandela kumelwe zibe oFakazi BakaJehova abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-55 ubudala futhi zibe nekhono okungenani emsebenzini owodwa wokwakha. Ngokuvamile, isabelo kulolu hlelo lokwakha singathatha amasonto amabili kuya ezinyangeni ezintathu, nakuba ngezinye izikhathi kungaba unyaka noma ngaphezulu.

Amakhosikazi alezi zisebenzi zokwakha nawo aye aqeqeshelwa imisebenzi enjengokubopha izinsimbi zokuqinisa esebenzisa ucingo, ukufaka ama-tile kanye nokuhlikihla udonga bese eyapenda. Abanye basiza ekulungiseleni labo abasebenzayo ukudla nokucoca izindawo zokuhlala.

Lapho lezi zisebenzi zokuzithandela seziphindela emakhaya, ezinye zazo zibhala izincwadi zibonisa ukubonga ngokuthi ziye zamenywa kulo msebenzi. Omunye umbhangqwana wabhala: “Sibonga kakhulu ngelungelo esibe nalo lokusebenza egatsheni laseBudapest. OFakazi ezweni laseHungary bebengeve benothando nokwazisa! Ukubavalelisa ngemva kwenyanga sinabo kwakunzima kakhulu, kodwa kuhlale kunjalo. Sithemba ukuthi sizophinde sikwazi ukuya esabelweni ngentwasahlobo. Isikhathi ngasinye lapho siya esabelweni, siye sibe nomuzwa wokuthi leyo nyanga isijabulise kakhulu.”