Ucingo Lomphakathi Lokuqhuba Izifundo ZeBhayibheli
UDaiane ungomunye woFakazi BakaJehova futhi ungumshumayeli wevangeli isikhathi esigcwele eBrazil. Ngolunye usuku, lapho exoxa ngomyalezo weBhayibheli ngocingo, waxoxa nendoda nomkayo abasebasha ababekuthanda ukulalela. Batshela uDaiane ukuthi babezothuthela endaweni ecezile eyayingenawo ugesi noma i-inthanethi. Ngaphezu kwalokho, abekho oFakazi BakaJehova ababehlala khona. Ukuze baqhubeke nokuxoxa ngeBhayibheli, le ndoda nomkayo banika uDaiane inombolo yocingo lomphakathi lwendawo futhi bobathathu bavumelana ngosuku nesikhathi ababezoxoxa ngaso.
Ngesikhathi ababevumelane ngaso, uDaiane wafonela ucingo lomphakathi futhi le ndoda nomkayo baphendula! Emasontweni amabili alandela, bafunda kathathu ngeBhayibheli noDaiane ngocingo.
Ngemva kwalokho, le ndoda nomkayo ababange besaziphendula izingcingo. UDaiane akazange aphele amandla kodwa waqhubeka nokushaya ucingo kathathu ngesonto futhi wayexoxa ngeBhayibheli nabantu abaphendula ucingo. Ngenxa yalokho, uDaiane wakwazi ukuqalisa izifundo zeBhayibheli nabantu abahlala kuleyo ndawo.
Ngolunye usuku, lapho uDaiane nomyeni wakhe beqhuba isifundo seBhayibheli nensizwa ocingweni lomphakathi, umholi wesonto lendawo wayelalele ngesikhathi bexoxa. Wama eceleni kwensizwa efundelwa iBhayibheli ukuze ayizwe kangcono ingxoxo. Umholi wesonto wabe esecela ukukhuluma noDaiane kanye nomyeni wakhe. Wakujabulela lokho ababexoxa ngakho, naye wafuna ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli!
Ngokuhamba kwesikhathi, uDaiane nomyeni wakhe babeqhuba izifundo zeBhayibheli eziyisithupha ngocingo kule ndawo ecezile, kuhlanganise nomholi wesonto. Abanye bala bafundi base bebakhona emihlanganweni yebandla besebenzisa ucingo lomphakathi olufanayo. Omunye wabo waze wakha ibhentshi ukuze abafundi bahlale kulo ngesikhathi befunda.
UDaiane nomyeni wakhe balazisa kakhulu ithuba ababenalo lokusakaza umyalezo woMbuso kule ndawo ecezile. UDaiane uthi, “uJehova angahlela ukuba izindaba ezinhle zifinyelele wonke umuntu, ngisho nabantu abahlala ezindaweni ezicezile.”