Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni​—Amavidiyo

Yakha amakhono adingekayo ukuze ukwazi ufundela abantu kanye nokubafundisa.

ISIFUNDO 1

Isethulo Esiphumelelayo

Ungazenza kanjani izilaleli zakho zifise ukuzwa ozoxoxa ngakho?

ISIFUNDO 2

Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo

Ungakhuluma kanjani ngendlela eyenza izilaleli zakho zikhululeke?

ISIFUNDO 3

Ukusebenzisa Imibuzo

Ungayisebenzisa kanjani imibuso ukuze usize izilaleli ziveze imibono yazo, zifise ukwazi okwengeziwe, futhi ugcizelele amaphuzu afanele?

ISIFUNDO 4

ImiBhalo Yethulwe Kahle

Ungazisiza kanjani izilaleli zakho zizuze nakakhulu emavesini eBhayibheli owafundayo?

ISIFUNDO 5

Ukufunda Ngokunembile

Yiziphi ezinye izinto okufanele uzenze ukuze ukufunde kahle okubhalwe ephepheni?

ISIFUNDO 6

Iphuzu ElisemBhalweni Licacisiwe

Yini okufanele uyenze lapho ufunda umbhalo nangemva kokufunda, ukuze usize izilaleli zakho ziqonde ukuthi kungani lelo vesi lifundiwe?

ISIFUNDO 7

Iyiqiniso

Ungaqiniseka kanjani ukuthi awulihlanekezeli iqiniso?

ISIFUNDO 8

Imifanekiso Efundisayo

NjengoMfundisi Omkhulu, ungayisebenzisa kanjani imifanekiso ngendlela ephumelelayo?

ISIFUNDO 9

Ukusebenzisa Kahle Izithombe Nezinye Izinto Zokufundisa

Ungazisebenzisa kanjani izithombe nezinye izinto zokufundisa ukuze usize izilaleli zakho zikhumbule amaphuzu abalulekile?

ISIFUNDO 10

Ukushintshashintsha Kwezwi

Ukushintshashintsha kwezwi kungakusiza kanjani uveze amaphuzu ngokucacile futhi uthinte imizwa yezilaleli zakho?

ISIFUNDO 11

Intshiseko

Intshiseko ingakusiza kanjani ukuba ushukumise futhi ukhuthaze izilaleli zakho?

ISIFUNDO 12

Imfudumalo Nozwela

Ungayibonisa kanjani imfudumalo yangempela nozwela ngezilaleli zakho?

ISIFUNDO 13

Izinzuzo Zokusebenzisa Amaphuzu Zicacisiwe

Ungayethula kanjani indaba ngendlela yokuthi izilaleli zakho ziziqonde izinzuzo zayo futhi zishukumiseleke esenzweni?

ISIFUNDO 14

Amaphuzu Ayinhloko Acacisiwe

Siza izilaleli zakho ukuba zinake, ziqonde futhi zikhumbule lokho okushoyo, ngokwenza amaphuzu ayinhloko acace.

ISIFUNDO 15

Ukukhuluma Ngokuqiniseka

Ungakhuluma kanjani ngokuqiniseka lapho unikeza inkulumo noma ushumayela obala?

ISIFUNDO 16

Iyakha Futhi Iyakhuthaza

Iziphi izinto ezintathu okufanele sizenze ukuze sikhulume ngendlela ezosiza abanye futhi ibanike nethemba?

ISIFUNDO 17

Iyaqondakala Kwabanye

Yini okufanele uyigweme ukuze izilaleli zakho ziqonde okushoyo?

ISIFUNDO 18

Iyafundisa

Ungazisiza kanjani izilaleli zakho ukuba zicabange futhi uzifundise okuthile okuzuzisayo?

ISIFUNDO 19

Ukuzama Ukufinyelela Inhliziyo

Ungazisiza kanjani izilaleli zakho ukuba zifise ukwenza okuhle?

ISIFUNDO 20

Isiphetho Esiphumelelayo

Kungakhathaliseki ukuthi usebendleni noma usensimini, yini okufanele uyifeze esiphethweni sakho?

Okunye Ongase Ukuthande

IZINCWADI NEZINCWAJANA

Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni

Le ncwajana yenzelwe ukukusiza ulole ikhono lakho lokufunda nelokufundisa.