2 AmaKhosi 15:1-38
15 Ngonyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, u-Azariya+ indodana ka-Amaziya+ inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
2 Wayeneminyaka eyishumi nesithupha lapho eqala ukubusa, wabusa eJerusalema iminyaka engamashumi amahlanu nambili.+ Igama likanina kwakunguJekoliya waseJerusalema.
3 Waqhubeka enza okuqondileyo emehlweni kaJehova, ngokwakho konke u-Amaziya uyise ayekwenzile.+
4 Kuphela nje ukuthi izindawo eziphakemeyo azizange zinyamalale.+ Abantu babesayenza imihlatshelo futhi beshunqisa umusi womhlatshelo ezindaweni eziphakemeyo.+
5 Ekugcineni uJehova wayishaya ngenhlupho inkosi,+ yaqhubeka inochoko+ kwaze kwaba sosukwini lokufa kwayo, yahlala endlini yayo ikhululiwe emisebenzini,+ kuyilapho uJothamu+ indodana yenkosi engamele indlu, ahlulela+ abantu bezwe.
6 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zika-Azariya nakho konke akwenza, akulotshiwe yini encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwaJuda?
7 Ekugcineni u-Azariya walala nokhokho bakhe,+ wangcwatshwa kanye nokhokho bakhe eMzini KaDavide; uJothamu indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.+
8 Ngonyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya+ inkosi yakwaJuda, uZakariya+ indodana kaJerobowamu waba yinkosi phezu kuka-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha.
9 Wenza okubi emehlweni kaJehova, njengoba nje okhokho bakhe babenzile.+ Akazange asuke ezonweni zikaJerobowamu+ indodana kaNebhati, onisa ngazo u-Israyeli.+
10 Khona-ke uShalumi indodana kaJabeshi wamakhela uzungu+ wamshaya+ eJibhileyamu+ wambulala wabusa esikhundleni sakhe.
11 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zikaZakariya, bheka zilotshiwe encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwa-Israyeli.
12 Lelo kwakuyizwi likaJehova+ ayelikhulume kuJehu, ethi:+ “Uyoba namadodana+ ayohlala ekumelele esihlalweni sobukhosi sika-Israyeli kuze kube sesizukulwaneni sesine.” Kwaba ngaleyo ndlela.+
13 UShalumi indodana kaJabeshi yena, waba yinkosi ngonyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya+ inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga egcwele eSamariya.+
14 Khona-ke uMenahemu+ indodana kaGedi wakhuphuka esuka eTiriza+ wafika eSamariya washaya uShalumi+ indodana kaJabeshi eSamariya wambulala; wabusa esikhundleni sakhe.
15 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zikaShalumi nozungu+ lwakhe alwakha, bheka zilotshiwe encwadini yezindaba zezinsuku zamakhosi akwa-Israyeli.
16 Kungaleso sikhathi-ke lapho uMenahemu ashaya khona iThifisa nakho konke okwakukulo nendawo yalo kusukela eTiriza, ngoba alizange limvulele, walishaya. Bonke abesifazane bakhona abakhulelwe wabaqhaqha.+
17 Ngonyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye+ ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uMenahemu indodana kaGedi waba yinkosi phezu kuka-Israyeli iminyaka eyishumi eSamariya.
18 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova.+ Akazange asuke kuzo zonke izono zikaJerobowamu+ indodana kaNebhati, onisa ngazo u-Israyeli,+ zonke izinsuku zakhe.
19 UPhuli+ inkosi yase-Asiriya+ wangena ezweni. Ngenxa yalokho uMenahemu wanika+ uPhuli amathalenta esiliva ayinkulungwane,+ ukuze izandla zakhe zibe naye ukuqinisa umbuso esandleni sakhe.+
20 Ngakho uMenahemu wakhiphisa u-Israyeli isiliva, wakhiphisa wonke amadoda anamandla, angamaqhawe,+ ukuze anike inkosi yase-Asiriya amashekeli esiliva angamashumi amahlanu indoda ngayinye. Ngenxa yalokho inkosi yase-Asiriya yaphenduka, futhi ayizange ihlale lapho ezweni.
21 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zikaMenahemu+ nakho konke akwenza, akulotshiwe yini encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwa-Israyeli?
22 Ekugcineni uMenahemu walala nokhokho bakhe, uPhekaya+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.
23 Ngonyaka wamashumi amahlanu ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uPhekaya indodana kaMenahemu waba yinkosi phezu kuka-Israyeli eSamariya iminyaka emibili.+
24 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova.+ Akazange asuke ezonweni zikaJerobowamu+ indodana kaNebhati, onisa ngazo u-Israyeli.+
25 Khona-ke uPheka+ indodana kaRemaliya umlawuli wempi yakhe oliphini+ wamakhela uzungu+ wamshaya eSamariya embhoshongweni wokuhlala wendlu yenkosi+ kanye no-Arigobhi no-Ariye, futhi wayekanye namadoda angamashumi amahlanu, amadodana kaGileyadi. Ngakho wambulala wabusa esikhundleni sakhe.
26 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenza, bheka, zilotshiwe encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwa-Israyeli.
27 Ngonyaka wamashumi amahlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uPheka+ indodana kaRemaliya+ waba yinkosi phezu kuka-Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili.
28 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova.+ Akazange asuke ezonweni zikaJerobowamu+ indodana kaNebhati, onisa ngazo u-Israyeli.+
29 Ezinsukwini zikaPheka inkosi yakwa-Israyeli, uThigilati-phileseri+ inkosi yase-Asiriya+ wangena wathatha i-Ijoni+ ne-Abela-bheti-mahakha+ neJanowa neKedeshi+ neHazori+ neGileyadi+ neGalile,+ lonke izwe lakwaNafetali,+ wabayisa ekudingisweni e-Asiriya.+
30 Ekugcineni uHosheya+ indodana ka-Elahi wakhela uPheka indodana kaRemaliya uzungu+ wamshaya+ wambulala; wabusa esikhundleni sakhe ngonyaka wamashumi amabili kaJothamu+ indodana ka-Uziya.
31 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenza, bheka, kulotshiwe encwadini+ yezindaba zezinsuku zamakhosi akwa-Israyeli.
32 Ngonyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu+ indodana ka-Uziya+ inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
33 Wa-yeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu lapho eqala ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha indodakazi kaZadoki.+
34 Waqhubeka enza okulungileyo emehlweni kaJehova.+ Wenza ngokwakho konke u-Uziya uyise ayekwenzile.+
35 Kuphela nje ukuthi izindawo eziphakemeyo azizange zinyamalale. Abantu babesayenza imihlatshelo futhi beshunqisa umusi womhlatshelo ezindaweni eziphakemeyo.+ Nguye owakha isango elingenhla lendlu kaJehova.+
36 Ngokuqondene nazo zonke ezinye izindaba zikaJothamu, lokho akwenza, azilotshiwe yini encwadini yezindaba zezinsuku zamakhosi akwaJuda?+
37 Ngalezo zinsuku uJehova wathumela+ ngokumelene noJuda uRezini+ inkosi yaseSiriya noPheka+ indodana kaRemaliya.
38 Ekugcineni uJothamu walala nokhokho bakhe wangcwatshwa nokhokho bakhe eMzini KaDavide ukhokho wakhe;+ u-Ahazi+ indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.