2 Korinte 2:1-17

2  Ngoba yilokhu engizinqumele kona, ukuba ngingaphinde ngize kini ngidabukile.+  Ngoba uma ngidabukisa nina,+ ubani ozongenza ngename ngaphandle kwalowo odatshukiswe yimi?  Ngakho ngaloba yona kanye le nto, ukuze kuthi, lapho ngiza, ngingadabuki+ ngenxa yalabo okufanele ngijabule ngabo;+ ngoba ngiyaqiniseka+ ngani nonke ukuthi injabulo enginayo yileyo eninayo nonke.  Ngoba nganilobela ngezinyembezi eziningi+ nginosizi olukhulu nobuhlungu benhliziyo, kungekhona ukuba nidabuke,+ kodwa ukuba nilwazi uthando enginalo ikakhulukazi ngani.  Uma kukhona oye wabangela ukudabuka,+ akadabukisanga mina, kodwa nina nonke ngezinga elithile—ukuze ngingabi nokhahlo kakhulu kulokho engikushoyo.  Lokhu kukhuza+ okunikezwa iningi kumanele umuntu onjalo,  kangangokuthi, manje ngokuphambene nalokho, kufanele nimthethelele ngomusa+ futhi nimduduze, ukuze umuntu onjalo ngandlela-thile angagwinywa ukudabuka ngokweqile.+  Ngakho-ke, nginikhuthaza ukuba niluqinisekise uthando lwenu+ ngaye.  Ngoba ngiloba nangenxa yale njongo ukuba ngithole ubufakazi ngani, ukuthi ningabalalelayo yini ezintweni zonke.+ 10  Noma yini eniyithethelela noma ubani ngomusa, ngiyamthethelela yona nami.+ Eqinisweni, ngokuqondene nami, noma yini engiyithethelele ngomusa, uma kukhona engikuthethelele ngomusa, bekungenxa yenu emehlweni kaKristu; 11  ukuze singaphanjwa uSathane,+ ngoba asibona abangenalwazi ngamacebo akhe.+ 12  Lapho ngifika eTrowa+ ukuba ngimemezele izindaba ezinhle mayelana noKristu, futhi ngivulelwa umnyango eNkosini,+ 13  angitholanga mpumuzo emoyeni wami ngenxa yokungamtholi uThithu+ umfowethu, kodwa ngabavalelisa ngamuka ngaya eMakedoniya.+ 14  Kodwa makabongwe uNkulunkulu osiholayo+ ngaso sonke isikhathi odwendweni lokunqoba kanye+ noKristu futhi enze iphunga lolwazi ngaye lizwakale ngathi kuyo yonke indawo!+ 15  Ngoba kuNkulunkulu siyiphunga likaKristu elimnandi+ phakathi kwalabo abasindiswayo naphakathi kwalabo ababhubhayo;+ 16  kulaba ababhubhayo siyiphunga elivela ekufeni liyise ekufeni,+ kwabasindiswayo siyiphunga elivela ekuphileni liyise ekuphileni. Futhi ubani ozifanelekela ngokwanele lezi zinto?+ 17  Yithi; ngoba asibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu+ njengoba abantu abaningi beyibo,+ kodwa sikhuluma ngobuqotho, yebo, njengabathunywe bevela kuNkulunkulu, sibonwa uNkulunkulu, sikanye noKristu.+

Imibhalo yaphansi