2 Korinte 7:1-16

7  Ngakho-ke, njengoba sinalezi zithembiso,+ bathandekayo, masizihlanze+ kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya,+ siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.+  Sivuleleni indawo.+ Asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asisizakalanga ngamuntu.+  Angisho lokhu ukuze nginilahle. Ngoba ngishilo ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuba nife futhi niphile kanye nathi.+  Nginenkululeko enkulu yokukhuluma kini. Ngiziqhayisa kakhulu ngani.+ Ngigcwele induduzo,+ ngichichima injabulo kukho konke ukuhlupheka kwethu.+  Eqinisweni, ngesikhathi sifika eMakedoniya,+ inyama yethu ayiyitholanga impumuzo,+ kodwa saqhubeka sihlupheka+ ngazo zonke izindlela—kwakukhona ukulwa ngaphandle, ukwesaba ngaphakathi.  Noma kunjalo, uNkulunkulu oduduza+ labo abadangele, wasiduduza ngokuba khona kukaThithu;  nokho hhayi ngokuba khona kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo ayeduduzeke ngayo ngani, njengoba abuye wasilethela izwi+ lokulangazela kwenu, ukulila kwenu, intshiseko yenu ngami; kangangokuthi ngajabula kakhulu.  Ngakho ngisho noma ngabe nganidabukisa ngencwadi yami,+ angizisoli ngakho. Ngisho nakuba ngazisola ngakho ekuqaleni, (ngiyabona ukuthi leya ncwadi yanidabukisa, nakuba kwaba okwesikhashana kuphela,)  manje ngiyajabula, hhayi nje ngenxa yokuthi nadabuka, kodwa ngenxa yokuthi nadabuka naphenduka;+ ngoba nadabuka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu,+ ukuze ningalimali kunoma yini ngenxa yethu. 10  Ngoba ukudabuka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu kubangela ukuphendukela ensindisweni okungeke kube nokuzisola ngakho;+ kodwa ukudabuka kwezwe kuveza ukufa.+ 11  Ngoba, bhekani! yeka ukuthi yona kanye le nto, ukudabuka kwenu ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu,+ iveze inkuthalo enkulu kangakanani kini, yebo, ukuzihlangula kwenu, intukuthelo, ukwesaba, ukulangazela, intshiseko, ukulungisa okungalungile!+ Kuzo zonke izici nazibonakalisa nimsulwa kule ndaba. 12  Ngokuqinisekile, nakuba nganilobela, angilobanga ngenxa yalowo owonile,+ noma ngenxa yalowo owoniwe, kodwa ukuze inkuthalo yenu ngathi ibonakaliswe phakathi kwenu emehlweni kaNkulunkulu. 13  Kungakho siye saduduzeka. Nokho, ngaphezu kwenduduzo yethu sajabula ngisho nangokwengeziwe ngenxa yenjabulo kaThithu, ngoba nina nonke niye nawuqabula umoya+ wakhe. 14  Ngoba uma ngiziqhayisile ngani kuye, angihlazekanga; kodwa njengoba sikhulume zonke izinto kini ngeqiniso, kanjalo nokuziqhayisa+ kwethu phambi kukaThithu kube yiqiniso. 15  Futhi, uthando lwakhe ngani lukhulu kakhulu, lapho ekhumbula ukulalela+ kwenu nonke, indlela enamamukela ngayo ngokwesaba nangokuthuthumela. 16  Ngiyajabula ngokuthi ngazo zonke izindlela ngingaba nesibindi ngenxa yenu.+

Imibhalo yaphansi