Ezra 2:1-70
2 Yilaba abantwana besifunda sombuso+ abakhuphuka bephuma ekuthunjweni kwabantu abadingisiwe+ labo uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni ayebathumbele+ eBhabhiloni futhi kamuva ababuyela+ eJerusalema nakwaJuda,+ yilowo nalowo emzini wakubo;
2 labo abeza noZerubhabhele,+ uJeshuwa,+ uNehemiya, uSeraya,+ uRehelaya, uMoridekayi, uBhilishani, uMispa, uBhigivayi, uRehumi, uBhahana.
Isibalo samadoda abantu bakwa-Israyeli yilesi:
3 Abantwana bakwaPharoshi,+ izinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
4 abantwana bakwaShefathiya,+ amakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
5 abantwana bakwa-Ara,+ amakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;
6 abantwana bakwaPhahati-mowabi,+ emadodaneni kaJeshuwa noJowabe,+ izinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;
7 abantwana bakwa-Elamu,+ inkulungwane namakhulu amabili namashumi amahlanu nane;
8 abantwana bakwaZathu,+ amakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;
9 abantwana bakwaZakayi,+ amakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
10 abantwana bakwaBhani,+ amakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
11 abantwana bakwaBebayi,+ amakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
12 abantwana bakwa-Azigadi,+ inkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
13 abantwana bakwa-Adonikamu,+ amakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
14 abantwana bakwaBhigivayi,+ izinkulungwane ezimbili namashumi amahlanu nesithupha;
15 abantwana bakwa-Adini,+ amakhulu amane namashumi amahlanu nane;
16 abantwana bakwa-Atheri,+ kaHezekiya, amashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
17 abantwana bakwaBhezayi,+ amakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
18 abantwana bakwaJora, ikhulu neshumi nambili;
19 abantwana bakwaHashumi,+ amakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
20 abantwana bakwaGibari,+ amashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;
21 amadodana aseBhetlehema,+ ikhulu namashumi amabili nantathu;
22 amadoda aseNethofa,+ amashumi amahlanu nesithupha;
23 amadoda ase-Anathoti,+ ikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
24 amadodana ase-Azimaveti,+ amashumi amane nambili;
25 amadodana aseKiriyati-jeyarimi,+ eKhefira naseBheroti, amakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
26 amadodana aseRama+ naseGeba,+ amakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
27 amadoda aseMikimasi,+ ikhulu namashumi amabili nambili;
28 amadoda aseBhethele+ nase-Ayi,+ amakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
29 amadodana aseNebo,+ amashumi amahlanu nambili;
30 abantwana bakwaMagibishi, ikhulu namashumi amahlanu nesithupha;
31 amadodana omunye u-Elamu,+ inkulungwane namakhulu amabili namashumi amahlanu nane;
32 abantwana bakwaHarimi,+ amakhulu amathathu namashumi amabili;
33 amadodana aseLodi,+ eHadidi,+ nase-Ono,+ amakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;
34 amadodana aseJeriko,+ amakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
35 amadodana aseSena,+ izinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
36 Abapristi:+ Abantwana bakwaJedaya+ wendlu kaJeshuwa+ amakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
37 abantwana bakwa-Imeri,+ inkulungwane namashumi amahlanu nambili;
38 abantwana bakwaPhashuri,+ inkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
39 abantwana bakwaHarimi,+ inkulungwane neshumi nesikhombisa.
40 AmaLevi:+ Abantwana bakwaJeshuwa+ noKhadimiyeli,+ emadodaneni kaHodaviya,+ amashumi ayisikhombisa nane.
41 Abahlabeleli, abantwana bakwa-Asafa,+ ikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili.
42 Amadodana abalindisango, abantwana bakwaShalumi,+ abantwana bakwa-Atheri,+ abantwana bakwaThalimoni,+ abantwana bakwa-Akhubi,+ abantwana bakwaHathita,+ abantwana bakwaShobayi, sebebonke, ikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.
43 AmaNethini:+ Abantwana bakwaZiha, abantwana bakwaHasufa, abantwana bakwaThabawoti,+
44 abantwana bakwaKherosi, abantwana bakwaSiyaha, abantwana bakwaPhadoni,+
45 abantwana bakwaLebana, abantwana bakwaHagaba, abantwana bakwa-Akhubi,
46 abantwana bakwaHagabi, abantwana bakwaSalimayi,+ abantwana bakwaHanani,
47 abantwana bakwaGideli, abantwana bakwaGahari,+ abantwana bakwaRewaya,
48 abantwana bakwaRezini,+ abantwana bakwaNekhoda, abantwana bakwaGazamu,
49 abantwana bakwa-Uziza, abantwana bakwaPhaseya,+ abantwana bakwaBesayi,
50 abantwana bakwa-Asina, amadodana amaMeyuni abantwana bakwaNefusimi;+
51 abantwana bakwaBakibuki, abantwana bakwaHakufa, abantwana bakwaHarihuri,+
52 abantwana bakwaBhaziluthi, abantwana bakwaMehida, abantwana bakwaHarisha,+
53 abantwana bakwaBarikhosi, abantwana bakwaSisera, abantwana bakwaThema,+
54 abantwana bakwaNeziya, abantwana bakwaHathifa.+
55 Amadodana ezinceku zikaSolomoni:+ Abantwana bakwaSothayi, abantwana bakwaSofereti, abantwana bakwaPheruda,+
56 abantwana bakwaJahala, abantwana bakwaDarikoni, abantwana bakwaGideli,+
57 abantwana bakwaShefathiya, abantwana bakwaHathili, abantwana bakwaPhokereti-hazebhayimi, abantwana bakwa-Ami.+
58 Esewonke amaNethini+ namadodana ezinceku zikaSolomoni ayengamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.+
59 Laba yibo abakhuphuka besuka eTheli-mela, eTheli-harisha, eKherubi, e-Adoni nase-Imeri, futhi abakwazanga ukusho izindlu zoyise nendabuko yabo,+ ukuthi bangabakwa-Israyeli yini noma cha:
60 abantwana bakwaDelaya, abantwana bakwaThobiya, abantwana bakwaNekhoda,+ amakhulu ayisithupha namashumi amahlanu nambili.
61 Emadodaneni abapristi:+ abantwana bakwaHabaya, abantwana bakwaHakozi,+ abantwana bakwaBharizilayi,+ owathatha umfazi emadodakazini kaBharizilayi+ waseGileyadi wayesebizwa ngegama lawo.
62 Laba yibo abafuna uhlu lwamagama abo ukuze bathole obala uhlu lwabo lozalo, kodwa abazitholanga, okwenza ukuba bavinjelwe bangangeni ebupristini njengabangcolisiwe.+
63 Ngenxa yalokho iThirishatha+ yathi kubo babengenakuzidla+ izinto ezingcwelengcwele kuze kube yilapho umpristi ema ne-Urimi+ neThumimi.
64 Ibandla lonke njengeqembu elilodwa+ lalingabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,+
65 ngaphandle kwezigqila nezigqilakazi zabo, zona ziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; futhi babenabahlabeleli besilisa+ nabahlabeleli besifazane abangamakhulu amabili.
66 Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha, iminyuzi yabo ingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu,+
67 amakamela abo engamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu, izimbongolo zabo ziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.+
68 Abanye kwabayizinhloko+ zezindlu zoyise,+ lapho befika endlini kaJehova,+ eyayiseJerusalema,+ benza iminikelo yokuzithandela+ endlini kaNkulunkulu weqiniso, ukuyimisa esizeni sayo.+
69 Ngokwamandla abo banikela ngegolide+ lezinto zokusebenza, amadrakma ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye, nesiliva,+ omina abayizinkulungwane ezinhlanu, nezembatho+ zabapristi eziyikhulu.
70 Futhi abapristi namaLevi nabanye kubantu,+ nabahlabeleli nabalindisango namaNethini bahlala emizini yakubo, no-Israyeli wonke emizini yakubo.+