Ezra 7:1-28

7  Ngemva kwalezi zinto ngesikhathi sokubusa kuka-Aritahishashita+ inkosi yasePheresiya, u-Ezra+ indodana kaSeraya+ indodana ka-Azariya indodana kaHilikiya+  indodana kaShalumi+ indodana kaZadoki indodana ka-Ahithubi+  indodana ka-Amariya+ indodana ka-Azariya+ indodana kaMerayoti+  indodana kaZeraya+ indodana ka-Uzi+ indodana kaBhuki+  indodana ka-Abhishuwa+ indodana kaFinehasi+ indodana ka-Eleyazare+ indodana ka-Aroni+ umpristi omkhulu+  lo Ezra oshiwoyo wakhuphuka eBhabhiloni; futhi wayengumkopishi onekhono+ emthethweni kaMose,+ ababewunikwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kangangokuthi inkosi yamnika konke ayekucelile, ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.+  Ngenxa yalokho amanye amadodana ka-Israyeli nawabapristi+ namaLevi+ nabahlabeleli+ nabalindisango+ namaNethini+ akhuphukela eJerusalema ngonyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita+ inkosi.  Ekugcineni wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu, okungukuthi, ngonyaka wesikhombisa wenkosi.  Ngoba wamisa ukuba kukhushukwe kusukwe eBhabhiloni ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala, futhi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema, ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.+ 10  Ngoba u-Ezra ngokwakhe wayelungise+ inhliziyo yakhe ukuba ahlole umthetho kaJehova+ nokuba awenze+ nokuba afundise+ kwa-Israyeli isiqondiso+ nobulungisa.+ 11  Nansi ikhophi yencwadi iNkosi u-Aritahishashita eyayinika u-Ezra umpristi umkopishi,+ umkopishi wamazwi emiyalo kaJehova noweziqondiso zakhe ku-Israyeli: 12  U-Aritahishashita,+ inkosi yamakhosi,+ ku-Ezra umpristi, umkopishi womthetho kaNkulunkulu wamazulu:+ Ukuthula makupheleliswe.+ Manje 13  ngikhiphe umyalo+ wokuthi wonke umuntu embusweni wami+ kubantu bakwa-Israyeli nabapristi babo namaLevi othandayo ukuya eJerusalema makahambe nawe.+ 14  Njengoba kwathunyelwa umyalo uvela phambi kwenkosi nabeluleki+ bayo abayisikhombisa ukuba kuphenywe+ ngokuphathelene noJuda neJerusalema emthethweni+ kaNkulunkulu wakho+ osesandleni sakho, 15  nokuba kulethwe isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngokuzithandela+ kuNkulunkulu ka-Israyeli, ondawo yakhe yokuhlala iseJerusalema,+ 16  kanye nalo lonke isiliva negolide olithola kuso sonke isifunda sombuso saseBhabhiloni kanye nesipho sabantu+ nabapristi labo ngokuzithandela abanikelela indlu kaNkulunkulu wabo,+ eseJerusalema; 17  ngalokho uzothenga ngokushesha ngale mali izinkunzi,+ izinqama,+ amawundlu+ neminikelo yako yokusanhlamvu+ neminikelo yako yokuphuzwayo+ futhi uzokunikela e-altare lendlu kaNkulunkulu wenu,+ eseJerusalema.+ 18  “Noma yini okubonakala kukuhle kuwe nakubafowenu ukuyenza ngalo lonke elinye isiliva negolide,+ ngokwentando+ kaNkulunkulu wenu, niyoyenza.+ 19  Izitsha+ enizinikwayo zenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho zithathe uzethule ziphelele phambi kukaNkulunkulu eJerusalema.+ 20  Nazo zonke ezinye izidingo zendlu kaNkulunkulu wakho okumelwe zikhishwe nguwe, uyozikhipha uzithatha endlini yenkosi yengcebo.+ 21  “Ngikhiphe umyalo+ mina, Aritahishashita inkosi, kubo bonke abagcini-zikhwama+ abangaphesheya koMfula,+ wokuthi konke u-Ezra+ umpristi, umkopishi womthetho kaNkulunkulu wamazulu, akucelayo kini madoda kuyokwenziwa ngokushesha, 22  ngisho noma kungaba amathalenta+ ayikhulu esiliva namakhora+ ayikhulu kakolweni namabhati+ ayikhulu ewayini+ namabhati ayikhulu amafutha,+ nosawoti+ ongenasilinganiso. 23  Konke okungomyalo+ kaNkulunkulu wamazulu makwenzelwe indlu kaNkulunkulu wamazulu+ ngentshiseko,+ ukuze kungabikho lulaka oluvuthela umbuso wenkosi namadodana ayo.+ 24  Futhi nina madoda niyaziswa ukuthi, ngokuqondene nanoma yimuphi kubapristi+ nakumaLevi,+ abaculi,+ abalindimnyango,+ amaNethini,+ nezisebenzi zakule ndlu kaNkulunkulu, akukho ntela nankokhiso+ namali yomgwaqo+ okuvunyelwe ukuba ibekwe phezu kwabo. 25  “Wena, Ezra, ngokokuhlakanipha+ kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa izimantshi nabahluleli ukuze bahlulele+ ngokuqhubekayo bonke abantu abangaphesheya koMfula, ngisho nabo bonke labo abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; noma ubani ongakayazi niyomfundisa.+ 26  Ngokuqondene nawo wonke umuntu ongabi umenzi womthetho kaNkulunkulu wakho+ nomthetho wenkosi, masikhishwe ngokushesha isahlulelo phezu kwakhe, noma esokufa+ noma esokudingiswa,+ noma esokuhlawula ngemali+ noma esokufakwa etilongweni.” 27  Makatuswe uJehova uNkulunkulu wokhokho bethu,+ ofake into enjengale enhliziyweni+ yenkosi, ukuyenza ibe yinhle indlu kaJehova, eseJerusalema! 28  Futhi udluliselé kimi umusa wothando+ phambi kwenkosi nabeluleki+ bayo nangokuphathelene nazo zonke izikhulu zenkosi ezinamandla. Mina-ke, ngaziqinisa ngokwesandla+ sikaJehova uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, futhi ngaqoqa kwa-Israyeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke kanye nami.

Imibhalo yaphansi