Filipi 4:1-23
4 Ngenxa yalokho, bazalwane abathandekayo nabalangazelelekayo, njabulo yami nomqhele wami,+ yimani niqine+ ngale ndlela eNkosini, bathandekayo.
2 U-Evodiya noSintike ngiyabakhuthaza ukuba babe nomqondo ofanayo+ eNkosini.
3 Yebo, nawe futhi ngiyakucela, mngane woqobo ejokeni,+ qhubeka usiza laba besifazane abaye bazabalaza kanye nami+ ezindabeni ezinhle kanye noKlemente, nazo zonke ezinye izisebenzi+ engikanye nazo, ezimagama+ azo asencwadini yokuphila.+
4 Jabulani eNkosini+ ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!+
5 Ukucabangela+ kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.+
6 Ningakhathazeki ngalutho,+ kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa+ kanye nokubonga;+
7 ukuthula+ kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo+ zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.
8 Okokugcina, bazalwane, noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile,+ noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.+
9 Izinto enazifunda futhi nazamukela, nazizwa, nazibona mayelana nami, qhubekani nizenza;+ khona-ke uNkulunkulu wokuthula+ uyoba nani.
10 Ngijabula kakhulu eNkosini ngokuthi manje ekugcineni niye nakuvuselela ukungicabangela kwenu,+ ebeninakho ngempela engqondweni, kodwa nantula ithuba.
11 Akukhona ukuthi ngikhuluma ngokuswela, ngoba ngiye ngafunda ukwaneliseka+ kungakhathaliseki ukuthi ngikuziphi izimo.
12 Ngempela ngiyakwazi ukuphelelwa ukudla,+ ngiyakwazi ukuba nensada. Kuzo zonke izinto nakuzo zonke izimo ngiye ngayifunda imfihlo yakho kokubili ukuthi kunjani ukusutha nokuthi kunjani ukulamba, kokubili ukuba nensada nokuswela.+
13 Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.+
14 Noma kunjalo, nenze kahle ngokuhlanganyela+ nami osizini lwami.+
15 Eqinisweni, nina baseFilipi, niyazi futhi ukuthi ekuqaleni kokumenyezelwa kwezindaba ezinhle, lapho ngimuka eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela ngaphandle kwenu nodwa;+
16 ngoba, ngisho naseThesalonika, nangithumelela okuthile kokubili ngokokuqala nangokwesibili ngenxa yesidingo sami.
17 Akukhona ukuthi ngishisekela ukuthola isipho,+ kodwa ngishisekela ukuthola izithelo+ eziyinzuzo kakhulu kini.
18 Nokho, nginazo zonke izinto ngokugcwele futhi nginensada. Ngigculisekile, njengoba sengamukele ku-Ephafrodithu+ izinto ezivela kini, iphunga elimnandi,+ umhlatshelo owamukelekayo,+ ojabulisa kakhulu kuNkulunkulu.
19 UNkulunkulu wami,+ yena, uzokwanelisa ngokugcwele konke ukuswela+ kwenu ngezinga lengcebo+ yakhe enkazimulweni ngoKristu Jesu.
20 Ngakho inkazimulo mayibe kuNkulunkulu noBaba wethu kuze kube phakade naphakade.+ Amen.
21 Ngikhonzeleni+ kubo bonke abangcwele abamunye+ noKristu Jesu. Abazalwane abanami bayakhonza.
22 Bayakhonza bonke abangcwele, kodwa ikakhulukazi abendlu kaKhesari.+
23 Umusa ongafanelwe weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya eniwubonisayo.+