IzEnzo 27:1-44
27 Manje njengoba kwakunqunywe ukuba sihambe ngomkhumbi siye e-Italiya,+ banikela uPawulu nezinye iziboshwa esikhulwini sebutho esigama laso linguJuliyu seviyo lika-Awugustu.
2 Sagibela umkhumbi owawusuka e-Adramitiyu usuzoya ezindaweni ezigudle ugu lwesifunda sase-Asiya, saqala uhambo lwasolwandle, kukhona no-Aristarku+ umMakedoniya waseThesalonika.
3 Ngakusasa safika eSidoni, uJuliyu waphatha uPawulu ngomusa wobuntu+ wamvumela ukuba aye kubangane bakhe ajabulele ukunakekelwa yibo.+
4 Sithatha uhambo lwasolwandle sisuka lapho sahamba ngomkhumbi singaphansi kweKhupro, ngoba imimoya yayiphambana nathi;
5 futhi sahamba ngomkhumbi olwandle oluvulekile sigudla iKhilikhiya nePhamfiliya sama esikhumulweni saseMira eLikhiya.
6 Kodwa isikhulu sebutho sathola lapho umkhumbi owawuvela e-Aleksandriya+ uya e-Italiya, sasigibelisa kuwo.
7 Khona-ke, ngemva kokuhamba kancane ngomkhumbi, uhamba izinsuku eziningana impela, safika kanzima eKinidu, ngoba umoya awusivumelanga ukuba siqhubeke, sahamba sikhosele ngaphansi kweKrethe eSalimone,
8 futhi siyigudla kanzima, safika endaweni ethile okuthiwa amaTheku Amahle, eduze kwayo kwakunomuzi waseLaseya.
9 Njengoba kwase kudlule isikhathi eside futhi ngalesi sikhathi sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi ngoba ngisho nokuzila ukudla [kosuku lokuhlawulela]+ kwase kudlulile kakade, uPawulu watusa,
10 ethi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo lomkhumbi luzobangela umonakalo nokulahlekelwa okukhulu hhayi ngumthwalo nomkhumbi nje kuphela kodwa futhi nayimiphefumulo yethu.”+
11 Nokho, isikhulu sebutho salalela umshayeli nomnini-mkhumbi kunezinto ezazishiwo uPawulu.
12 Njengoba itheku lalingelihle ukuba kuhlalwe ubusika kulo, iningi leluleka ukuba kuqalwe uhambo lwasolwandle kusukwe lapho, ukuze babone ukuthi ngandlela-thile bangefike yini eFeniksi ukuze bahlale khona ubusika, okuyitheku laseKrethe elivulekela ngasenyakatho-mpumalanga nangaseningizimu-mpumalanga.
13 Ngaphezu kwalokho, lapho kuheleza umoya waseningizimu, bacabanga ukuthi sekufana nokuthi sebeyifinyelele injongo yabo, futhi baphakamisa ihange baqala ukugudla ugu ngaseKrethe.
14 Nokho, ngemva kwesikhashana isiphepho+ okuthiwa yi-Ewurakiloni savunguza phezu kwawo.
15 Njengoba umkhumbi wawubambeke ngamandla futhi ungasenakukwazi ukumelana nomoya, sayeka futhi saqhutshwa umoya.
16 Manje sahamba sikhosele ngaphansi kwesiqhingi esithile esincane okuthiwa iKhawuda, nokho sacishe sangakwazi ukubamba isikejana+ esasingemuva emkhunjini.
17 Kodwa ngemva kokusiphakamisela emkhunjini baqala ukusebenzisa izelekelelo ukuze babophe umkhumbi bawuzongolozele; ngokwesaba ukubhajwa esihlabathini eSirti, behlisa izinto zokubamba oseyili futhi ngale ndlela baqhutshwa umoya.
18 Nokho ngenxa yokuthi isiphepho sasisiphephula ngamandla, ngosuku olulandelayo baqala ukuwenza lula umkhumbi;+
19 ngosuku lwesithathu, ngezandla zabo, balahla izindophi zomkhumbi.
20 Lapho lingabonakali ilanga noma izinkanyezi izinsuku eziningi, futhi kunesiphepho+ esikhulu phezu kwethu, ekugcineni lonke ithemba lokuthi siyosinda laqala ukuphela.
21 Lapho sekuzilwe ukudla isikhathi eside, uPawulu wabe esesukuma phakathi kwabo+ wathi: “Madoda, ngokuqinisekile bekufanele ngabe nisamukele iseluleko sami nangaluthatha lolu hambo ukusuka eKrethe kanjalo nangawuthola lo monakalo nalokhu kulahlekelwa.+
22 Noma kunjalo, manje ngitusa kini ukuba nibe nesibindi, ngoba akukho mphefumulo kini ozolahleka, umkhumbi kuphela.
23 Ngoba kulobu busuku kuye kwema eduze kwami ingelosi+ kaNkulunkulu engingowakhe nenginikela kuye inkonzo engcwele,+
24 yathi, ‘Ungesabi, Pawulu. Kumelwe ume phambi kukaKhesari,+ futhi, bheka! uNkulunkulu ukunike bonke labo abahamba nawe.’
25 Ngakho-ke yibani nesibindi, madoda; ngoba ngiyakholwa kuNkulunkulu+ ukuthi kuzoba njengoba nje ngitsheliwe.
26 Nokho, kumelwe siphonseke ogwini esiqhingini esithile.”+
27 Njengoba kwakuba ubusuku beshumi nane futhi sijikijeleka ngapha nangapha olwandle lwase-Adriya, phakathi kwamabili amatilosi aqala ukusola ukuthi ayesondela ezweni.
28 Ezwa ukujula, akuthola kungamafathomu angamashumi amabili; ngakho aqhubeka ibanga elifushane aphinda ezwa ukujula, akuthola kungamafathomu ayishumi nanhlanu.
29 Ngenxa yokwesaba ukuthi sasingaphonseka endaweni ethile emadwaleni, aphonsa amahange amane angemuva emkhunjini afisa ukuba kuse.
30 Kodwa lapho amatilosi efuna ukubaleka emkhunjini, ehlisela isikejana olwandle enza sengathi ahlose ukwehlisa amahange angaphambili,
31 uPawulu wathi esikhulwini sebutho nasemasosheni: “Ngaphandle kokuba la madoda ahlale emkhunjini, aninakusinda.”+
32 Khona-ke amasosha anqamula izindophi zesikejana+ asiyeka sawa.
33 Manje lapho sekusa uPawulu wakhuthaza bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla lusuku lweshumi nane nilindile futhi niqhubeka ngaphandle kokudla, njengoba ningadlanga lutho.
34 Ngakho-ke nginikhuthaza ukuba nidle, ngoba lokhu kungenjongo yokuba niphephe; ngoba akukho nolulodwa unwele+ lwekhanda lomunye wenu oluzobhubha.”
35 Ngemva kokuba esho lokhu, wathatha isinkwa, wabonga+ kuNkulunkulu phambi kwabo bonke wasihlephula, wadla.
36 Ngakho bonke baswabuluka nabo badla.
37 Sesisonke, sasiyimiphefumulo engamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha emkhunjini.
38 Lapho sebesuthi, babe sebewenza lula+ umkhumbi ngokuphonsa ukolweni olwandle.
39 Ekugcineni lapho sekusile, abalazanga lelo zwe kodwa baqaphela itheku elithile elalinogu,+ futhi, babezimisele ukuthi uma bengase bakwazi, bamise kulo umkhumbi.
40 Ngakho, banqamula amahange, bawayeka awela olwandle, ngesikhathi esifanayo bethukulula izindophi zezigwedlo, futhi ngemva kokukhuphulela useyili wangaphambili emoyeni, balibangisa ogwini.
41 Lapho bezithela endundumeni yesihlabathi esigugulwe ulwandle nhlangothi zombili, umkhumbi wabhajwa esihlabathini futhi ingaphambili labambeka langabe lisanyakaza, kodwa ingemuva lomkhumbi laphuka laba yizicucu.+
42 Kulokhu amasosha azimisela ukubulala iziboshwa, ukuze kungabikho muntu ohlambayo abaleke.
43 Kodwa isikhulu sebutho sasifisa ukumsindisa uPawulu ngakho sawavimba enjongweni yawo. Sayala labo ababekwazi ukuhlamba ukuba baziphonse olwandle baye ezweni kuqala,
44 nokuba bonke abanye benze kanjalo, abanye phezu kwamapulangwe abanye phezu kwezingxenye ezithile zomkhumbi. Ngaleyo ndlela bonke bafika ezweni+ ngokuphepha.