Jakobe 1:1-27

1  UJakobe,+ inceku+ kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, ezizweni eziyishumi nambili+ ezihlakazekile:+ Ngiyanibingelela!  Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene,+  njengoba nazi ukuthi lesi simo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela.+  Kodwa vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele+ nabaphilile ezicini zonke, abangantuli lutho.+  Ngakho, uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha,+ makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu,+ ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola;+ uyomnika kona.+  Kodwa makaqhubeke ecela+ ngokholo, engangabazi neze,+ ngoba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya+ lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha.  Eqinisweni, lowo muntu makangacabangi ukuthi uyokwamukela utho kuJehova;+  ungumuntu omanqikanqika,+ ongagxilile+ ezindleleni zakhe zonke.  Kodwa umzalwane ophansi makethabe ngokuphakanyiswa kwakhe,+ 10  nocebile+ ngokuthotshiswa kwakhe, ngoba uyodlula njengembali yezimila.+ 11  Ngoba ilanga liphuma nokushisa kwalo okukhulu libunise izimila, imbali yazo ivuthuluke futhi ubuhle bayo bangaphandle bushabalale. Nesicebi siyobuna kanjalo ezindleleni zaso zokuphila.+ 12  Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa,+ ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila+ [uJehova] awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.+ 13  Uma umuntu elingwa+ makangasho ukuthi: “Ngilingwa uNkulunkulu.” Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu. 14  Kodwa yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu.+ 15  Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono;+ isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.+ 16  Ningaduki,+ bazalwane abathandekayo. 17  Zonke izipho ezinhle+ nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu,+ ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini,+ futhi kuye akukho ukushintshashintsha kokuphenduka kwethunzi.+ 18  Ngoba kwakuyintando+ yakhe, wasizala ngezwi leqiniso,+ ukuba sibe ulibo+ oluthile lwezidalwa zakhe. 19  Yazini lokhu, bazalwane abathandekayo. Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma,+ ephuze ukuthukuthela;+ 20  ngoba intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.+ 21  Ngakho lahlani konke ukungcola naleyo nto engadingekile, ububi,+ namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi+ elikwaziyo ukusindisa imiphefumulo yenu.+ 22  Nokho, yibani abenzi bezwi,+ ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga.+ 23  Ngoba uma umuntu engumuzwi wezwi, engeyena umenzi,+ lowo ufana nomuntu ozibuka ubuso esibukweni. 24  Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. 25  Kodwa lowo obukisisa umthetho+ ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi,+ uyojabula+ lapho ewenza. 26  Uma umuntu ezibona sengathi ungumkhulekeli oqotho,+ kodwa nokho engalulawuli ulimi lwakhe ngokungathi ngetomu,+ kodwa eqhubeka ekhohlisa inhliziyo yakhe,+ indlela yalo muntu yokukhulekela iyize.+ 27  Indlela yokukhulekela ehlanzekile+ nengangcolile+ ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane+ nabafelokazi+ osizini lwabo,+ nokuba umuntu azigcine engenalo ibala+ ezweni.+

Imibhalo yaphansi