Johane 13:1-38
13 Njengoba ayazi ngaphambi komkhosi wephasika ukuthi ihora lakhe lase lifikile+ ukuba ahambe kuleli zwe aye kuYise,+ uJesu ebathandile abakhe abasezweni,+ wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
2 Ngakho, lapho isidlo sakusihlwa siqhubeka, uDeveli esekufakile kakade enhliziyweni kaJuda Iskariyothe,+ indodana kaSimoni, ukuba amkhaphele,+
3 yena azi ukuthi uYise wayenikele zonke izinto ezandleni zakhe+ nokuthi waphuma kuNkulunkulu futhi wayeya kuNkulunkulu,+
4 wasukuma esidlweni sakusihlwa wabeka eceleni izingubo zakhe zangaphandle. Wathatha ithawula, wabhinca.+
5 Ngemva kwalokho wafaka amanzi esitsheni sokugezela waqala ukugeza izinyawo+ zabafundi wazesula ngethawula ayelibhincile.
6 Wafika kuSimoni Petru. Yena wathi kuye: “Nkosi, wena ungigeza izinyawo na?”+
7 Ephendula uJesu wathi kuye: “Lokho engikwenzayo awukuqondi manje, kodwa uzokuqonda ngemva kwalezi zinto.”+
8 UPetru wathi kuye: “Ngokuqinisekile awusoze wangigeza izinyawo.” UJesu wamphendula wathi: “Ngaphandle kokuba ngikugeze,+ awunasabelo nami.”
9 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, makungabi izinyawo kuphela, kodwa nezandla nekhanda.”
10 UJesu wathi kuye: “Ogezile+ akadingi okungaphezu kokuba agezwe izinyawo, kodwa uhlanzeke wonke. Futhi nina nihlanzekile, kodwa hhayi nonke.”
11 Ngempela, wayemazi umuntu omkhaphelayo.+ Kungakho athi: “Anihlanzekile nonke.”
12 Lapho esezigezile izinyawo zabo futhi esegqoke izingubo zakhe zangaphandle, futhi esephinde wahlala etafuleni, wathi kubo: “Niyakwazi yini lokhu engikwenzé kini?
13 Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’+ nangokuthi ‘Nkosi,’+ futhi nikhuluma kahle, ngoba ngiyikho.+
14 Ngakho-ke, uma mina, nakuba ngiyiNkosi noMfundisi, nginigezé izinyawo,+ nani kufanele nigezane izinyawo.+
15 Ngoba nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo.+
16 Ngiqinisile impela ngithi kini, Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nalowo othunyiwe akamkhulu kunalowo omthumile.+
17 Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.+
18 Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethile.+ Kodwa kungenjongo yokuba lo mBhalo ugcwaliseke,+ ‘Lowo obevame ukudla isinkwa sami ungiphakamisele isithende.’+
19 Kusukela kulo mzuzwana kuqhubeke nginitshela ngaphambi kokuba kwenzeke,+ ukuze kuthi lapho kwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye.
20 Ngiqinisile impela ngithi kini, Lowo owamukela noma ubani engimthumayo uyangamukela nami.+ Naye lowo ongamukelayo, wamukela nalowo ongithumileyo.”+
21 Ngemva kokusho lezi zinto, uJesu wakhathazeka emoyeni, futhi wafakaza wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Omunye kini uzongikhaphela.”+
22 Abafundi babhekana bodwa, bedidekile ukuthi ukhuluma ngobani.+
23 Omunye wabafundi bakhe wayehlezi esifubeni sikaJesu, futhi uJesu wayemthanda.+
24 Ngakho-ke uSimoni Petru wakhomba lona ngekhanda wathi kuye: “Yisho ukuthi usho bani.”
25 Ngakho yena wancika esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani?”+
26 Ngakho-ke uJesu waphendula: “Yilowo engizomnika lolu cezwana engilugcobhozayo.”+ Ngakho, ngemva kokulugcobhoza ucezwana, waluthatha walunika uJuda, indodana kaSimoni Iskariyothe.
27 Ngemva kwalolu cezwana uSathane wabe esengena kuye.+ Ngakho-ke, uJesu wathi kuye: “Lokho okwenzayo, kwenze masinyane.”
28 Nokho, akekho noyedwa kulabo ababehlezi etafuleni owazi ukuthi wayekusho nganjongoni lokhu kuye.
29 Eqinisweni, abanye babecabanga ukuthi, njengoba uJuda ayephatha ibhokisi lemali,+ uJesu umtshela ukuthi: “Thenga noma yiziphi izinto esizidingela umkhosi,” noma ukuthi kwakufanele anike abampofu okuthile.+
30 Ngakho-ke, ngemva kokwamukela ucezwana, waphuma masinyane. Kwakusebusuku.+
31 Lapho esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu iyakhazinyuliswa,+ noNkulunkulu uyakhazinyuliswa ngayo.
32 UNkulunkulu uzoyikhazimulisa ngokwakhe,+ futhi uzoyikhazimulisa masinyane.
33 Bantwanyana,+ ngisenani okwesikhashana. Nizongifuna; futhi njengoba nje ngasho kumaJuda ngithi, ‘Lapho ngiya khona anikwazi ukuza,’+ ngiyakusho nakini manje.
34 Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile,+ ukuba nani nithandane.+
35 Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”+
36 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uyaphi?” UJesu waphendula: “Lapho ngiya khona awukwazi ukungilandela manje, kodwa uyolandela kamuva.”+
37 UPetru wathi kuye: “Nkosi, kungani ngingenakukwazi ukukulandela manje? Ngizonikela umphefumulo wami ngenxa yakho.”+
38 UJesu waphendula: “Uzonikela umphefumulo wakho ngenxa yami na? Ngiqinisile impela ngithi kuwe, Iqhude ngeke neze likhale kuze kube yilapho usungiphike kathathu.”+